PHEZU kokuba abahlaziyi bezepolitiki bethi i-ANC izophinde iwudle umhlanganiso okhethweni lukazwelonke okulindeleke ukuthi lube ngoMeyi nonyaka kodwa bathi akukho okusha okuvele kumhlahlandlela wokhetho othulwe nguMengameli Cyril Ramaphosa.
URamaphosa uthule umqulu obugxile emfundweni yamahhala, ezempilo, ukufukula umnotho, ukwakha amathuba emisebenzi, ukubuyiswa komhlaba, ukulwa nobugebengu, ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane nabakhubazekile, ukwehliswa kokubiza kwe-data, ukwakha izindlu, izikole, amadamu nezinye izethembiso.
UMnuz Lukhona Mnguni waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uthe akukho okusha okwethulwe kulo mqulu wokukhankasela ukhetho othulwe yi-ANC enkundleni yemidlalo iMoses Mabhida, eThekwini.
Uthe ugxile ezintweni ebezivele zilindelwe okubalwa umhlaba, ezemfundo nezinye izethembiso.
“Yizinto ezifanayo ezindala ezivele zikhona ngoba nasekufukulweni komnotho kubalwa indaba yeBhange loMbuso okuyinto esike yavela phambilini. Kwezomhlaba noma engalibekanga ngembaba elokuthi bazolusebenzisa uhlelo lokuthi umuntu adayise umhlaba ngoba ethanda kodwa bazolusebenzisa nakuba kuzochitshiyelwa isigatshana * -25 soMthethosisekelo ukuze kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo,” kusho uMnguni.
Uthe nendaba yokuthi kumele kusungulwe isikhungo soMbuso esikhiqiza amaphilisi nemithi akuyona into entsha ngoba nangesikhathi kuyiwa okhethweni lukazwelonke lwango-2014 ngenye yezinto eyayiseqhulwini.
“Mayelana nendaba yemisebenzi siyehla isibalo semisebenzi abayithembisile njengoba ngonyaka uRamaphosa ethe kuzokwakhiwa engu-275 000 ngonyaka ekubeni owayengumengameli uJacob Zuma wayethembise engu-500 000 ngonyaka. Kukhulunywa nendaba yokuthi izitshudeni zithole ukuqeqeshwa kanjalo nokuthi singabe sisadingeka isipiliyoni kwizitshudeni ezisuke ziqede iziqu zizongena emazingeni aphansi eminyangweni kahulumeni.”
Uthe njengoba i-ANC isiphathe iminyaka engu-25 kuhulumeni abantu abasabheki izethembiso basuke befuna ukwazi ukuthi kungani izethembiso ezindala zingafezwanga.
“Kunongqongqoshe asebehlale iminyaka engu-20 kuhulumeni abantu bafuna ukwazi ukuthi kungani ezinye zezinto zingafezwanga. Yona i-ANC izoluwina ukhetho cishe ngaphezulu kuka-60% ngoba kukhona abantu abakholelwa kuRamaphosa siqu sakhe ukuthi angalihola izwe,” kusho uMnguni.
USolwazi Bheki Mngomezulu, osophikweni lwezifundo zezepolitiki eNyuvesi yaseWestern Cape, uthe akukho okusha ngoba uMengameli ukhulume ngezinto ebezivele zilindelekile okubalwa umhlaba, amathuba emisebenzi, umnotho nomhlaba.
Uthe ugxile kakhulu ekutheni intsha ithuthukiswa kanjani kanjalo nasemabhizinisni amancane.
“Zona zizodwa angicabangi ukuthi zingabuyisa uzinzo eqenjni. Uma ubheka i-ANC isenhlanhleni ngoba amaqembu aphikisayo awaqinile kakhulu ukumisa kabi i-ANC,” kusho uMngomezulu.
Uthe izokwazi ukuphinde idle umhlanganiso wathi akacabangi ukuthi ingawina ngamalengiso.