Izimeya ezimbili ze-ANC, uMnuz Mluleki Ndobe waseHarry Gwala noDkt Ntuthuko Mahlaba waseNewcastle, zikhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuthinteka amacaleni okubulala.
UNdobe usolwa ngecala lokubulala owayenguNobhala-jikelele we-ANCYL uMnuz Sindiso Magaqa, uMahlaba usolwa ngokubulala uMnuz Wandile Ngobeni owayekwi-ANCYL esifundeni eMalahleni.
Imibiko engazange iqinisekiswe izolo iveze ukuthi enye imeya ye-ANC oThukela ithathwe ngamaphoyisa iyophonswa imibuzo. Uma lezi zinsolo ziyiqiniso kusho ukuthi sekungokwesibili iphonswa imibuzo.
Khonamanjalo, luhlale obala uqhekeko kwi-ANC ngemuva kokuthi iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede inqabe ukuxhawulwa nguNobhala we-ANCYL esifundazweni uMnuz Thanduxolo Sabelo izolo embuthanweni obuhanjelwe nguNobhala-jikelele wenhlangano uMnuz Ace Magashule ePeople’s Park eMoses Mabhida eThekwini. Izolo bese kusabalele i-video yalesi sigameko.
Ekhuluma embuthanweni uSihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala, uthe kunezinhlelo zangaphakathi enhlanganweni okumele zilandelwe uma kukhona ababhekene namacala.
Uthe i-ANC ngeke igxambukele ukusebenzeni kwalezi zinhlelo.
“I-ANC iyona eyanxusa ukuthi kusungulwe iKhomishini kaMoerane ebiphenya ngokubulawa kosopolitiki futhi iwona uKhongolose owacela ukuthi kujutshwe ithimba eliyisipesheli elizophenya ngala macala esifundazweni,” kusho uZikalala.
Uthe bazoxoxa ngalolu daba namhlanje (ngoMsombuluko), wengeza ngokuthi ngokuhamba kwesonto bazobe sebememezela izinyathelo abazozithatha.
UMagashule uthe bayabethemba ubuholi besifundazwe ukuthi buzolungisa isimo obubhekene naso sokuboshwa kwezimeya.
“Ubuholi besifundazwe buyalusebenza lolu daba buzothi uma sebuqedile bese buyasazisa ngesinqumo obusithathile,” kusho uMagashule.
UMagashule ubesesifundazweni izolo ezonxusa amavolontiya ukuthi awaphume ngobuningi akhankasele iqembu njengoba kubhekwe okhethweni.
Uthe into ebajabulisayo wukuthi umbutho ubumbene manje uma uqhathaniswa nakuqala.