Izindaba

I-ANC izobuyela eKZN izothola umbiko ngezinkinga

Mhlengi Shangase|Published

UNobhala we-ANC kuzwelonke uMnuz Fikile Mbalula Isithombe: Sigciniwe

KUZOJUTSHWA ithimba lamalungu esigungu esiphezulu se-ANC KwaZulu-Natal, ukuzolungiselela ukhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo.

Lokhu kuvezwe nguNobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula esithangamini nabezindaba izolo eThekwini, emva komhlangano wekomiti elibhekele ukusebenza kwansuku zonke lale nhlangano.

UMbalula uthe ezintweni okukhalwe ngazo eziyizidingo zomphakathi indaba yamanzi, ubugebengu kanjalo nenkinga kagesi.

“Amalungu azojutshwa azosebenzisana nesifundazwe ukulungiselela ukhetho. Sizobe siqinisa izinto esifundazweni njengoba ekhona amalungu ajutshelwe kulesi sifundazwe ukuze sidle umhlanganiso okhethweni lwangonyaka ozayo.”

Uthe izinto zangaphakathi ezithinta inhlangano esifundazweni bazozixoxa nobuholi besifundazwe be-ANC.

“Sifuna abaholi abazobumba inhlangano, abangeke baqinise isandla, abazohlonipha izinhlaka. Ukuhlakazwa kwezinhlaka yinto yokugcina esiyenzayo. Asikwazi ukuthi singathi uma sivakashele esifundazweni bese izinhlaka zicabange ukuthi sizohlakaza, asikwazi ukusebenza kanjalo.”

Uthe bazolokhu bebuya ukuzothola umbiko ngebanga eselihanjiwe ngezinto abazoshiya umyalelo wokuthi zenziwe.

“Sidinga ukuthi kube nozinzo, ebuholini be-ANC esifundazweni kanjalo nakuhulumeni. Ziningi izinto okumele zenzeke ikakhulu naseThekwini.”

UMbalula uthe bayazi ukuthi kwehlile ukwesekwa kwale nhlangano wathi bazosebenza nanoma iliphi iqembu, abawuvalile umnyango.

Uthe basivakashelile iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini, sazwakalisa izikhalo zaso athe ngeke angene kuzona.

“UNdunankulu nethimba lesifundazwe basebenza izikhalo zeSilo. Siyasebenzisana neSilo kanti sizoqhubeka nokuseseka yingakho izikhalo zaso sizisukumela ngokushesha.”

Uthe bazohlangana nenxusa lase-USA, ukuzwa izikhalo zalo nge-ANC.

Ikomiti lansukuzonke uthe libanike umyalelo wokuthi baxoxe naleli nxusa ngelikushilo ngezikhali elithe zaya eRussia zisuka kuleli.

Uveze nokuthi udaba loMntwana wakwaPhindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi, lusetshenzwa ebuholini obuphezulu benhlangano.

“Lusetshenzwa ngumengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa kanjalo nowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma. Uma sekukhona okuphothuliwe ngezingxoxo ezikhona mayelana nokuthi abuyele ekhaya, bazobatshela abezindaba. Asinankinga nezifiso zomuntu uma ethi ngaphambi kokuba afe ufuna ukubuyela ekhaya njengoba uMntwana akusho esidlangaleni engakufihlanga,” kusho uMbalula.