Izindaba

I-ANC ivakashele uNyazi eNtabazwe

Thokozani Ndlovu|Published

UNYAZILWEZULU neNhloko yokhetho ye-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli noNobhala we-ANC eKZN, uMnuz Bheki Ntuli Isithombe: FACEBOOK

UBUHOLI obuphezulu be-ANC, buvakashele uNyazilwezulu namaNazaretha, eNtabazwe, eHarrismith lapho bekuzovulwa khona umuzi walo mholi webandla ngoMgqibelo.

AmaNazaretha abenenkonzo enkulu ebibizwe wuNyazilwezulu ngenhloso yokuzovula umuzi walo nokuvuselela amanxiwa lapho kudabuka khona abakwaShembe.

Isolezwe lithole ukuthi ubuholi be-ANC bamukelwe ngezandla ezimhlophe wuNyazilwezulu, baze bavulelana izifuba ngezinto ezithile.

Ubuholi be-ANC obebuhambele inhlangano yamaNazaretha eNtabazwe, yiPhini likaNobhala-Jikelele we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, obephelezelwa wuNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, iPhini likaSihlalo, uNksz Nomagugu Simelane neNhloko yezoKhetho, uMnuz Mdumiseni Ntuli.

UBUHOLI obuphezulu be-ANC, okukhona kubona iPhini likaNobhala Jikelele we-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, iPhini likaSihlalo we-ANC eKZN, uNksz Nomagugu Simelane, iNhloko yoKhetho ye-ANC, uMnuz Bheki Ntuli, uNobhala we-ANC KZN, uMnuz Bheki Mtolo nowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu Isithombe: FACEBOOK

UNkk Mokonyane wethule umbiko ovela kuMengameli Cyril Ramaphosa we-ANC mayelana nezinto ezithile ezike zadingidwa phambilini.

Ubuholi noNyazi bavulelane izifuba ngezindaba ezahlukene ezithinta impilo yaseNingizimu Afrika.

UNyazi lunxuse ubuholi be-ANC ukuba buqhubeke nokubumbana, nokubeka izidingo zabantu eqhulwini nokulwela ukuthuthukiswa kwempilo eNingizimu Afrika.

Echaza ngalo mhlangano wamaNazaretha eNtabazwe, okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe umholi wabo wubekhumbuza amakholwa ukuthi angakhohlwa lapho eqhamuka khona.

IZINKUMBI zamaNazaretha ebezibuthene emzini woNyazilwezulu eNtabazwe, eHarrismith evakashele emzini omusha woNyazilwezulu Isithombe: FACEBOOK

“Inkosi uNyazilwezulu beyizokhombisa amaNazaretha umuzi wayo, ikhumbuza namakholwa ukuthi angakhohlwa lapho eqhamuka khona.

Umuzi oseNtabazwe ngowenkosi uNyazilwezulu, akuwona owebandla. Ngokwenqubo yamaNazaretha wonke umuntu wamukelekile ukuthi ameme amaNazaretha emzini wakhe.

Kuzoba kuyona inkosi uNyazilwezulu, uma inesifiso sokuthi iphinde isimeme,” kusho uMncwabe. AmaNazaretha aqale ukutheleka ngasekupheleni kuka-Agasti eNtabazwe, aze aphelela wonke ngoMgqibelo, obekuwusuku lokugcina ukuthi aphelele khona.

UMncwabe uthe umhlangano uvaliwe khona ngoMgqibelo.

“Manje sibuyela emuva njengoba sekuzoqala umgidi wezintombi oba ngoSepthemba, ohambisana nesikhumbuzo seNyangayezulu esiba kule nyanga.” usho kanje.