ANC
Image: IOL / Independent Newspapers
BASHAYA amakhala abaholi be-ANC ngohlu lwabantu abazovota okhethweni lokuchibiyela oluzokuba kuMasipala wasebaQulusini.
Abe-ANC bathi kunezinkulungwane zabantu ezibhalisele ukuvota kulolu khetho, okusolwa ukuthi abahlali endaweni okuzokube kunokhetho kuyo.
Ukhetho lokuchibiyela luzokuba kuWard 23, ngoLwesithathu ozayo.
I-ANC yabhalela inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ikhalaza ngohlu lwabantu ababhalisele ukuvota.
Esikhalazweni sayo i-ANC yenza izinsolo zokuthi kukhona abantu abangahlali kuWard 23, ababhalisele ukuvota.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, uthe impendulo abayithole kwi-IEC emva kwesikhalazo sabo ikhombisa ngokusobala ukuthi kukhona okushaya amanzi.
USibisi uthe ucwaningo olwenziwe i-IEC emva kwesikhalazo sabo luveza ukuthi kunabantu abangaphezu kuka-2 000 abangatholakalanga ukuze kuqinisekiswe ngempela ukuthi bahlala endaweni.
Bebonke abantu ababhalisele ukuvota okhethweni bangu-5 741.
"Abakwa-IEC bahambele cishe yonke imizi ekhona endaweni, kwasala nje imizi eyisishiyagalombili, lapho babeqinisekisa khona ukuthi abantu bahlala khona yini kule mizi ababhalise ukuthi bahlala kuyo. Bangu 3 293 abantu okwaqinisekiswa ukuthi bahlala khona ngempela endaweni. Lokhu kusho ukuthi kunabantu abangu-2 448 okungazange kuqinisekiswe ukuthi bahlala khona ngempela yini endaweni."
USibisi uthe abantu abangu-680 kulabo abangazange batholakale ohlwini lwabazovota.
"Nakuba sikwamukela lokho kodwa iqiniso ukuthi kunabantu abangu-1 768 abasohlwini lokuvota abangatholakalanga ukuba baqinisekise ukuthi bahlala khona ngempela endaweni. Ukungakhishwa ohlwini lwabavoti kwala bantu abangu-1 768 abangazange batholakale, kubeka engcupheni ubuqotho bokhetho."
Uthe: "Bonke laba bantu abazange batholakale ngesikhathi kunohlelo lokuhambela yonke imizi. Lolu hlelo lokuhambela imizi lwaluqhutshwa i-IEC futhi kwakukhona abamele onke amaqembu angenele ukhetho. Sinxusa i-IEC ukuba ichaze kabanzi ukuthi kungani laba bantu bengakhishwanga ohlwini lwabavoti."
Okhulumela i-IEC KwaZulu-Natal, uMnuz Thabani Ngwira, akazange ayiphendule imibuzo ayithunyelelwe.
Umbango wokuhola iwadi ishisa phansi njengoba amaqembu angenele ukhetho eqhubeka nemikhankaso yawo.
Iwadi ibikade iphethwe i-IFP, isikhala savuleka emva kokushona kwekhansela.
Related Topics: