I-ANC ikugcizelele ukuthi umgomo wayo nge-Western Sahara okuyizwe elilokhu lacindezelwa yiMorocco kusukela ngo-1973 awukakashintshi.
UNkk Dipuo Letsatsi-Duba utshele izintatheli ukuthi bayaqhubeka nokunxenxa amalungu e-African Union ukuthi alwelwe inkululeko yeWestern Sahara.
UNkk Letsatsi Duba ukhuluma kanjena emuva kokuthi uMengameli Jacob Zuma ebonakale exoxisana neNkosi Mohammed VI waseMorocco.
INingizimu Afrika neMorocco selokhu baqala ukungezwani ngo-2004 emuva kokuthi owayenguMengameli uMnuz Thabo Mbeki evuselele ubudlelwano beNingizimu Afrika neWestern Sahara.
UNkk Letsatsi-Duba uthe akukho okubi okwenziwa nguMengameli Zuma uma exoxa neNkosi yaseMorocco ngoba kufanele baxoxisane nawo wonke umuntu uma belwela inkululeko yaseWestern Sahara.
UZuma ugxekwe nxazonke ngokuxoxisana neNkosi yaseMorocco njengoba neNehawu ithe kufana nokuthi weseka abacindezi.
Ucele i-ANC ukuthi ithathele izinyathelo abaholi abaphambana nemigomo ye-ANC.