ISIGUNGU esiphezulu se-ANC sijube ikomiti elixazulula izikhalo ukuthi lisebenzisane nethimba lesikhashana le-ANC eKZN ukulungisa zonke izikhalazo zamalungu ayise le nhlangano enkantolo.
Esitatimendini esikhishwe nguNobhala jikelele uMnuz Ace Magashule izolo ngemuva komhlangano wesigungu esiphezulu obuse-Irene, ePitoli, ngoMsombuluko, uthe uma kwenzeka lokhu bazokwazi ukuxazulula izinkinga ezikhona ngaphandle kwasezinkantolo.
UMagashule uthe inhloso ukubumba inhlangano wathi ukusebenzisana kuzokwenza ukuthi ingqungquthela ihlale ngaphambi kokuphela kwenyanga ezayo. “Umhlangano oyisipesheli wesigungu sikazwelonke ujube izithunywa zalo ukuthi ziqinisekise ukuthi zonke izinkinga nezikhalazo ziyalungiswa. Mkhulu umsebenzi osuwenziwe siyanxusa ukuthi baqhubeke basebenzisane.”
Uthe kumele amalungu akwazi ukuphakamisa izinto angeneme ngazo ikakhulu izikhalo.
“Siyanxusa ukuthi amalungu asebenzise izinhlaka zangaphakathi. Kuyofika isikhathi lapho sizothi kuphela la kulabo abangafuni ukusebenzisa izinhlaka zangaphakathi abagjimela ezinkantolo ekubeni bengazange balandele yonke imigomo.”
Amalungu angeneme amisa ingqungquthela yesifundazwe ngomzuzu wokugcina ekhala ngokuthi kunamagatsha ashiywe ngaphandle. nangempelasonto kube yiso leso eMoses Mabhida kwamiswa ingqungquthela olunye uhlangothi oluthi beyihlaliswa isinyenyela.
Odabeni lwase-Easern Cape, uthe bafuna isixazululo sezepolitiki ukuze sisize inhlangano njengoba kukhona abaye enkantolo. ELimpopo uthe yonke into isimi ngomumo mayelana nengqungquthela ezoqala ngoLwesihlanu yokukhetha ubuholi.
ENorth West uthe bajube ikomiti elibheka ukusebenza kwansuku zonke ukuthi linqume ngozoba nguNdunankulu kusasa wathi namhlanje kuzoba nomhlangano oyisipesheli waleli komiti ukuze linqume.
EGauteng nakhona uthe mkhulu umsebenzi owenziwe ukuze kuhlaliswe ingqungquthela ingakapheli inyanga ezayo.
“Siyanxusa ubuholi bezinhlaka ezehlukene ukuthi zilandele imigomo yenhlangano mayelana nokuthi busingathe kanjani eyobuholi enhlanganweni nokuthi kulandelwe imigomo buphinde bunike izinhlaka ithuba lokuthi zikwazi ukuletha izikhalo.”