SIMPHIWE NGUBANE
UBUHOLI be-ANC KwaZulu-Natal, obebuholwa usihlalo wayo, uMnuz Sihle Zikalala namhlanje buye kobhonga emswaneni emindenini yabantu abathathu besifazane abadutshulwe bashona bemi kulayini wokuyokhetha umuntu ozobamela okhethweni lwamakhansela.
Ubuholi buqale emzini wesalukazi uNkk Beatrice Dlamini (75) eMzomusha kaBester, badlulela emndenini kaNksz Ncami Shange (34) bagcina kaNksz Philisiwe Jili (39) baseBhambayi.
Kulimale kanzima abanye besifazane abane nowesilisa oyedwa abaphuthunyiswe esibhedlela.
UZikalala ukhalisane nemindeni wathi kunohlaka uKhongolose alwakhile oluholwa unobhala uMnuz Mdumiseni Ntuli oluzosebenza ngokubambisana nemindeni eshonelwe kuze kungcwatshwe.
Usigxekile lesi sigameko wathi siwubugebengu futhi amaphoyisa kumele athungathe abasolwa ababophe.
Laba abathathu bafe ujuqu esehlakalweni esenzeke esikoleni eBuhlebethu Primary eNewtown C eku-ward 54 eThekwini, ngoMgqibelo ntambama.
Abanye abaholi besigungu esiphezulu abebekhona uNkk Nomusa Dube-Ncube, uMnuz Kwazi Mshengu, uNtuli, ilungu elisohlakeni olumele i-ANC esifundeni saseThekwini, uNkk Zandile Gumede noMnuz Thabani Nyawose.