Izindaba

I-ANC ifuna ukubuyisa isithunzi seTheku

Mlungisi Gumede|Published

UBUHOLI bohlangothi lwaseThekwini iRenewal, Rebuild and Unity (RRU) kusukela kwesobunxele uMnuz Bheki Ntuli, Mnuz Thabani Nyawose noNkk Bridget Ntshangase lapha bathathwe beseCity Hall kade bekhankasa khona njengoba kuyiwa engqungqutheleni yesifunda Isithombe:SIHLE MAVUSO UBUHOLI bohlangothi lwaseThekwini iRenewal, Rebuild and Unity (RRU) kusukela kwesobunxele uMnuz Bheki Ntuli, Mnuz Thabani Nyawose noNkk Bridget Ntshangase lapha bathathwe beseCity Hall kade bekhankasa khona njengoba kuyiwa engqungqutheleni yesifunda Isithombe:SIHLE MAVUSO

OGAQELE isikhundla sokuba nguNobhala we-ANC eThekwini uMnuz Bheki Ntuli uthi siphelile isikhathi sobukhazikhazi bamatende amhlophe kudliwe ukudla kuhlukwane kodwa ekugcineni izinkinga zabantu zingaxazululwa.

Ethula inkulumo yakhe izolo ngesikhathi bekhakhasa eCity Hall njengoba kubhekwe engqungqutheleni yesifunda okulindeleke ukuthi ibe ngoNovemba noma ngoDisemba, uNtuli uthe manje sekuyisikhathi sokuthi kusetshenzelwe umphakathi.

“Abantu abazange bavotele amatende amhlophe nokudla kodwa bavotele ukuthi bahanjiselwe izidingo ukuze kushintshe impilo yabo,” kusho uNtuli.

Uxwayise ngokuthi uma bengazisukumeli izinkinga zabantu basengcupheni yokuthi bangenzi kahle okhethweni luka-2021.

Umkhankaso wayizolo ubuhambisana nesifundo ngempilo walowo owake waba ngumengameli we-ANC uMnuz Oliver Tambo. I-City Hall ibigcwele kuvalwe ngomuntu emnyango kanti amanye amaqabane awakwazanga ukungena ngenxa yokugcwala nokuholele ekutheni kube namakhokhasi amabili.

UNtuli uthe bafuna ubuholi obuzokwazi ukuphuma emahhovisi buyoxazulula izinkinga zabantu.

“Asibafuni abaholi abafika emkhandlwini benziwe osihlalo bamakomiti bese becabanga ukuthi amakomiti ngawabo, amakomiti ngawe-ANC okwabo ukusebenzela umbutho, le nto esisanda kuyibona yenziwa uqabane uThanduxolo Sabelo eyaxazulula izinkinga ebeziseSiphingo siyayikhuthaza,” kusho uNtuli.

Uveze nokuthi uhlu lwamagama abantu abazovota emihlanganweni yamagatsha, amaBranch General Meetings (BGMs) selubuyile eLuthuli House.

“Ngifuna sibuyele emagatsheni silubheke lolu hlu ukuthi ngobani abakhona nobani abashiyeke ngephutha ukuze silungise lapho kunamaphutha khona ngoba iwindi lisavulekile,” kusho uNtuli.

Uthe kulokhu bafuna imihlangano yama-BGMs enokuthula engagadiwe ngamaphoyisa.

UNtuli uthe manje bafuna ukwakha baphinde babuyise nesithunzi seTheku ebelihlonishwa iNingizimu Afrika yonke.

Ogaqele isikhundla sikasihlalo ohlangothini lukaNtuli, uMnuz Thabani Nyawose ubalule izinto ezimbili ngo-OR.

“Enye yezinto esayifunda ngo-OR ukuthi ubebathanda abantu, abebemphikisa aze abajube nasezikhundleni okuyinto amaqabane amanje angayenzi,” kusho uNyawose.

Uthe uzimisele ngokuthi asebenzisane nalabo ababanga nabo emuva kwengqungquthela uma esekhethwe njengosihlalo omusha we-ANC eThekwini esesehhovisi lakhe.

“Iningi lethu liyayikhuluma indaba yobumbano kodwa aliyiphili, uma sizimisele ngokubumba i-ANC akumele kube khona abantu esibashiya ngaphandle ngoba sithi abahambisani nathi,” kusho uNyawose.

Uhlangothi loNyawose olwaziwa ngeRRU, omele uRenewal, Rebuild and Unity lubanga ukuhola iTheku nohlangothi lukaNkk Zandile Gumede noMnuz Musa Nciki bona abazibiza ngeStatus Quo.

Njengoba kuyiwa engqungqutheleni, ikhona into ethi kumele kwakhiwe uhlaka oluzofaka zonke izinhlangothi ukuze kwakhiwe ubumbano.

UNyawose uthe zikhona izingxoxo eziqhubekayo mayelana nokwakha uhlaka olufaka zonke izinhlangothi.

Uthe kubalulekile ukuthi inhlangano ibumbane ukuze ikwazi ukusebenzela umphakathi.

“Abantu bahlale besigxeka bethi sinaka kakhulu izinto zangaphakathi enhlanganweni bese siyakhohlwa ibona,” kusho uNyawose.