INTATHELI YESOLEZWE
IPHINI likaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz David Masondo, unxuswe ukuba athi ukushenxa ngenxa yezinsolo zokuxhaphaza impahla yombuso ekuxazululeni ukungahoshelani kwakhe nowesifazane azwana naye.
Ikomiti elibhekene nokugcinwa kwesithunzi se-ANC libhalele isigungu esiphezulu sale nhlangano noMasondo limcela ukuba athi ukuhosha imfe okwesikhashana emisebenzini kahulumeni neyenhlangano ngenxa yokuthi izenzo zakhe zidicilela phansi isithunzi se-ANC.
Encwadini ayilotshelwe ngusihlalo waleli komiti, kuveziwe ukuthi uMasondo ungumholi okhombise ukuzibophezelela emisebenzini yenhlangano nasezinhlosweni zayo kodwa izenzo zakhe zifuna ukugqiba lemisebenzi yakhe emihle.
"Siyathemba kunesifundo esifundekile kule nkinga obhekene nayo. Siyakwemukela ukuthi abameli bakho bakululeke ukuba ubikele oKlebe ngalolu daba futhi wenze njengokusho kwabo (abameli)’’.
’’Nakuba kunjalo, sicabanga ukuthi awucabangisisanga kahle...futhi bekumele wazi ukuthi ukubandakanya oKlebe kulolu daba lomndeni kuzovulela izinsolo zokuthi uxhaphaza amandla akho nezinsiza zikahulumeni. Awusilo nje ilungu lomphakathi elijwayelekile. Ungumholi oseqophelweni eliphezulu ku-ANC nephini likangqongqoshe’’.
’’Bekumele wazi ukuthi umsebenzi woKlebe ukuphenya ngenkohlakalo namacala angaphansi komthetho obhekene nokunqanda amacala ahlelwayo."
Nethimba elithatha izinqumo kule nhlangano belisematasatasa emhlanganweni ngalolu daba.