I-ANC KwaZulu-Natal isishubisele imeya kaMasipala iNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba, obhekene namacala amathathu.
Unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, usebhalele ubuholi be-ANC esifundeni eMalahleni, efuna incazelo ngokuvela enkantolo kukaMahlaba.
Le nhlangano inomgomo wokuthi bonke abaholi abanamacala kufanele bashenxe ezikhundleni.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, akafunanga ukuphumela obala ngokuthi uMahlaba uzophoqwa yini ukuba ashenxe esikhundleni.
UNtombela uthe okwamanje basafuna incazelo kuphela ngokuboshwa kukaMahlaba, ongusihlalo we-ANC kwisifunda eMalahleni.
“Njengamanje udaba lokuvela kwakhe enkantolo sisaluzwa ngani bantu bezindaba. Yingakho unobhala wesifundazwe ethathe isinqumo sokubhalela ubuholi besifunda, efuna incazelo, ukuze sikhulume ngento esiyaziyo.
“Sifuna basicacisele ukuthi ngabe uvelile ngempela yini enkantolo. Uma evelile iliphi icala abhekene nalo. Uma sesithole leyo ncazelo, siyobe sesithatha isinqumo esifanele,” kusho uNtombela.
UMahlaba uvele enkantolo yeMantshi eNewcastle ngoMsombuluko ebhekene necala lokushaya, ukweba nokucekelwa phansi kwempahla.
Ubevele namangalelwe nabo, uMnuz Njabulo Mabaso (28) noMnuz Sgananda Shezi (26).
Basolwa ngokuhlasela nangokuvulela isibhaxu kubasebenzi ababeqashwe inkampani eyayinikezwe umsebenzi umasipala.
Lesi sigameko senzeka ngonyaka odlule, kanti ngawo unyaka odlule uMahlaba wabonakala kwi-video ehlephulana ngequpha nabanye abasebenzi bakamasipala ababetelekile bekhala ngokungakhokhelwa ngesikhathi imali yesikhathi esengeziwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe abasolwa bazophinde bavele enkantolo ngo-Agasti 28.
Okhulumela umasipala, uMnuz Mlungisi Khumalo, ukuqinisekisile ukuvela enkantolo kukaMahlaba.
UKhumalo uthe okwamanje uMahlaba usaqhubeka nomsebenzi wakhe, wanxusa abantu ukuba badedele umthetho usebenze.
“imeya uizibona zingenasisekelo lezinsolo ebekwa zona. isijahe ukuthola ithuba lokuyoziphendulela enkantolo, khona izoziqhelisa nalezi zinsolo aebekwa zona,” kusho uKhumalo.
Akusikhona okokuqala uMahlaba ezithola evela enkantolo.
Ngo-2019 uke waboshelwa icala lokwakha itulo lokusoconga umholi we-ANC Youth League esifundeni, uMnuz Wandile Ngubeni.
Kepha leli cala labuye lahoxiswa ngenxa yokungabibikho kobufakazi.