I-ANC KwaZulu-Natal ifuna bathathelwe izinyathelo abathinteka esehlakalweni esishaqise abaningi sesiguli (52) esitholakale sinezibungu emlonyeni esibhedlela saseChatsworth, iRK Khan.
Lokhu kulandela ukusabalala kwe-video ekhombisa esinye seziguli ebesilashwa kulesi sibhedlela sihanjwa yizibungu emlonyeni.
Kuthiwa isiguli okuthiwa sishone ngoLwesithathu olwedlule singene esibhedlela ngoJuni 19 kodwa saze sabonakala ngoJuni 23 sesibonwa yindodana yaso ukuthi sinezibungu.
UMnuz Mdumiseni Ntuli, ongunobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uthe leli qembu likhathazekile ngesiguli sakulesi sibhedlela esibonakale sisesimeni esingamukelekile nesingenabo ubuntu.
“Umbono we-ANC wukuthi uNgqongqoshe uNkk Nomagugu Simelane-Zulu aqinisekise ukuthi bathathelwa izinyathelo ezinqala abathintekayo,” kusho uNtuli.
Uthe ngeke bakuvumele ukuthi ezibhedlela zikahulumeni kube nezigameko ezikhombisa ukwehlisa isithunzi sabantu nezenza abantu bangabe besafisa ukuxhunyaniswa nezikhungo (zezempilo) zikahulumeni.
UNkk Simelane-Zulu usanda kuveza ukuthi balinde umbiko mayelana nalesi sehlakalo njengoba sekukhona abajutshwe ukuthi baphenye ngaso.
Ekhuluma nabezindaba mayelana nalesi sigameko ngoMsombuluko, uNkk Simelane-Zulu uthe bayazi ukuthi kushoda abasebenzi ezikhungweni zezempilo kodwa lokhu akusho ukuthi iziguli azinganakekelwa ngendlela.
Unxuse abasebenzi bezempilo ukuthi bahambise ngokwezifungo abazenza zokuthi bazonakekela iziguli ngendlela kuzo zonke izimo.