INHLOKO yezokukhankasa kwi-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ithi ukudliwa kwabo komasipala abakhulu eGuateng nakwezinye izindawo kuleli, kuyinkomba yokuthi idinga ukuvuselelwa inhlangano yabo, kungenjalo izofa.
UMbalula uveze lokhu ekhasini lakhe kwiTwitter namhlanje ekuseni ephawula ngokudliwa kwe-ANC komasipala abakhulu okubalwa kubo iGoli, Tshwane, neKurhuleni.
“Asidliwanga kukhetho, sidliwe ezingxoxweni zokubusa ngokubambisana namanye amaqembu ngenxa yokuhluleka ukuthola amavoti angaphezulu kuka-50%.
I-ANC izozikhulumela, ibikele abalandeli bayo namalungu ayo ngezingxoxo namanye amaqembu.
“Siwafisela impumelelo amaqembu azobusa ngokubambisana, sizothatha indawo yethu njengeqembu eliphikisayo komasipala,” kusho uMbalula.
UMbalula, onguNgqongqoshwe wezokuThutha kuleli, uqhube wazwakalisa ukukhalaza ngendlela abakhishwe ngayo eGoli.
“Sanqoba ngaphandle kwamavoti angaphezulu kuka-50% eGoli, kodwa bakhetha ukuyinika i-DA. Abantu baseGoli bavotele i-ANC, hhayi i-DA. Kodwa ke siyakwamukela ukuthi izivumelwano zokubambisana bezingahambisani nathi.”
Uthe into eyenzekayo njengamanje ukuthi amaqembu amancane ahlengene ngokuzokhipha i-ANC.
We won joburg with no outright majority ,Smaller parties led by ActionSa and Eff ganged up against us and formed a DA led coalition. #Coalitions pic.twitter.com/xgD4uDxC0I
— FIKILE MBALULA | MR FIX (@MbalulaFikile) November 24, 2021
“Abanye babiza lokho ngesijeziso, kodwa isijeziso sangempela abantu abakhetha ukuhlala emakhaya bengayivoteli i-ANC.
”Siyakuhlonipha abakwenza, kumele silungise izikhalazo zabo. Siyabonga kulabo abakhethe ukubambisana ne-ANC kulezi zikhathi ezinzima,” kusho uMbalula.
Namhlanje i-ANC ingase ibhekane nenye imbibizane uma sekuvotelwa ubuholi bomkhandlu waseThekwini njengoba nakhona kulindeleke ukuthi amanye amaqembu avote ne-DA.