UNKSZ Makhosazane Bhengu we-ANC unqobe ukhetho lokuchibiyela obelukuMasipala waseMpofana
Image: Sithunyelwe
UKHONGOLOSE ushove iMK kwamhlaba, unqoba ukhetho lokuchibiyela - obelubhekwe ngabomvu - ngamalengiso obelukuwadi 4 kuMasipala waseMpofana, ngoLwesithathu.
Kuyiwe kulolu khetho iMK ihambela phezulu njengoba isanda kuthatha amawadi amathathu abephethwe yi-ANC komasipala baKwaZulu-Natal.
NgoMashi, iMK yathatha uWadi 2 kuMasipala waseRichmond, ngo-Ephreli yanqoba uWadi 28 kuMasipala waKwaDukuza, kwathi kule nyanga yanqoba uWadi 18 kuMasipala waseMandeni.
Onke la mawadi abekade ephethwe yi-ANC.
I-MK ihlangane nezimbila zithutha kulokhu njengoba ilale isithathu.
I-ANC inqobe ngamavoti angu-1 436, i-IFP yalala isibili ngamavoti angu-712, kwathi iMK yona yathola angu-635.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanele Sibisi, uthe ukunqoba kwabo ukhetho kukhombisa ukuthi izinhlelo zokwakha kabusha inhlangano, seziqalile ukuthela izithelo ezinhle.
"Kusobala ukuthi abantu baseMpofana bayaqhubeka nokuthemba i-ANC. Bayazi ukuthi i-ANC ibeka phambili izidingo zabo. Sibonga bonke abantu abasivotele nalabo abebekhankasela i-ANC. Imizamo yabo iyona eyenze ukuthi umyalezo we-ANC ufinyelele kubantu."
Umbango wokuhola le wadi ubushisa phansi. Ngesikhathi kuqhubeka umkhankaso wokhetho, amaqembu akhankasayo abethelana ngodaka. I-MK isole i-ANC ngokusebenzisa izinsiza zikahulumeni ukukhankasela ukhetho
USibisi uncome amalungu enhlangano ngokungahluthukelwa izinhliziyo ngesikhathi ekhankasela ukhetho.
"Amalungu e-ANC aqhube umkhankaso obunokuthula. Lokhu akwenze yize kukhona ababelokhu besichukuluza. Sibonga izinhlaka zokuphepha nenhlangano eyengamele ukhetho ngokuqinisekisa ukuthi ukhetho luba nokuthula. Sibongela ikhansela elisha, uNksz Makhosazane Bhengu, uzosebenza ngokuzinikela. I-ANC izoqhubeka nokusiza bonke abantu, ngeke sibabandlulule labo abangazange basivotele. Siyazi ukuthi abantu banelungelo lokukhetha iqembu abafuna ukulivotela."
UNobhala Jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, uthe bebebhekene nobunzima kulolu khetho, wathi i-ANC ibisebenzisa izinsiza zikahulumeni ukukhankasela ukhetho.
"Sithanda ukubonga bonke abasivotelile nabebekhankasela iMK. Njengamanje sesibheke ukhetho lokuchibiyela olulandelayo. Sizozinqoba kulo lonke ukhetho olulandelayo."
Izinto ziyihambele kahle i-ANC nakuzwelonke.
I-ANC inqobe ukhetho lokuchibiyela obelukuMasipala waseJohannesburg nokhetho obelukuMasipala waseNama Khoi, eNorthern Cape.
I-DA yona inqobe ukhetho lokuchibiyela obelukuMasipala waseStellenbosch, eWestern Cape.
Related Topics: