I-ANC KwaZulu-Natal ithi inethemba lokuthi zizohlala ezinye zezifunda kulesi sifundazwe ebezingakahlali ukuhlangabezana nomnqamulajuqu kazwelonke wokuphela kwale nyanga.
UMnuz Mike Mabuyakhulu, iPhini likaSihlalo wale nhlangano uthe bayaqhubeka nokwakha inhlangano okumele iqhubeke ngemuva kwezingqungquthela.
Uthe bazocubungula isimo kuzona zonke izifunda, uma bebona ukuthi isifunda asikulungele ukuya engqungqutheleni bayokusho lokho.
“Umnqamulajuqu obekwe undlunkulu isekupheleni kwale nyanga kanti cishe iningi lawo azokwazi ukuya ezingqungqutheleni. Umsebenzi uyaqhubeka kulezi zifunda okuyiMoses Mabhida, Harry Gwala naseLower South Coast,” kusho uMabuyakhulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwahlakazwa ubuholi balezi zifunda kwafakwa obesikhashana.
UMabuyakhulu ukusho lokhu engxoxweni abe nayo neSolezwe eThekwini izolo ngemuva komhlangano wale nhlangano obungempelasonto wokulungiselela ukhetho.
IPHINI likaSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mike Mabuyakhulu uthi banethemba lokuthi zizohlala izingqungquthela zezifunda ezintathu ungakashayi umnqamulajuqu obekwe inhlangano kuzwelonke yokuphela kwale nyanga. Video: MHLENGI SHANGASE
Uxwayise amanye amaqembu njengoba kuyiwa okhethweni ukuthi azibambe ziqine ngoba le nhlangano izobuya ngamandla kulolu khetho.
Uthe ngisho nocwaningo olwenziwe ngabacwaningi i-Ipsos luveza ukuthi uma ngase le nhlangano iye okhethweni kulesi sifundazwe ingathola okungenani * -62% okhethweni.
“Kumanje ngokwethu sime ku-64%, lokho kufakazelwa nawukuthi sinezihlalo ezingu-52 esiShayamthetho sesifundazwe ezihlalweni ezingu-80.”
Uthe uhlelo lokuphakanyiswa kwabantu abazoya esiShayamthetho sesifundazwe nasePhalamende likazwelonke alukaqali.
“Uhlelo alukaqali kusamele sihlalise imihlangano yamagatsha kodwa luzoqala maduzane.”
Ukhale kakhulu ngokuthi uma kunokhetho lokuchibiyela sebethole ukuthi amanye amaqembu aletha abantu ngamabhasi ukuze awine ukhetho kulawo mawadi.
“Sesizolubheka ngelokhozi ukhetho lokuchibiyela ngoba kwesinye isikhathi lezi zinto ziyenzeka. Abantu balethwa ngamabhasi ukuze lelo qembu liwine ukhetho ngamalengiso. Uma ubheka i-IFP ayingenisile ezindaweni ezilawulwa yi-ANC kodwa ingenise ezindaweni ebeziphethwe amanye amaqembu afana ne-NFP.”
Uthe indaba yezinguquko kwiKhabhinethi nasesiShayamthetho abakaze bayibhunge.
“Yinto esingakaze siyixoxe le yezinguquko. Kumanje sigxile ekwakheni umbutho sihambise nezidingo emphakathini,” kusho uMabuyakhulu.
Uthe umuntu ongunombolo 1 ohlwini lwabantu abajutshwe esiShayamthetho akusho ukuthi nguyena ozoba nguNdunankulu.
I-ANC iyona enqumayo ukuthi ubani ozoba nguNdunankulu. Isifundazwe sihambisa amagama amathathu ngokulandelana kwawo ngokuthi leso sifundazwe sifuna kube ngubani ozoba nguNdunankulu bese isigungu sikazwelonke sikhethe umuntu oyedwa kulolo luhlu.”
Uthe okubalulekile ngukuthi kumele babuyise izihlalo i-ANC eba nazo baqinise ukwesekwa kwenhlangano.