Izindaba

I-ANC ayinamholi KwaZulu-Natal: umhlaziyi

Nonhlanhla Shangase|Published

USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala omemezele isinqumo sokumiswa kukaNkk Zandile Gumede esikhundleni ajutshwe kuso eSishayamthetho. Isithombe: Bongani Mbatha /African News Agency (ANA)

UZOBUYELA ekubeni wujika nelanga owayeyiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ophinde washenxiswa ekubeni yilungu lesiShayamthetho nasemisebenzini ye-ANC yiqembu lakhe izolo.

Lo ngqimphothwe wethuse abaningi njengoba leli qembu litshele abezindaba ukuthi uNkk Gumede obhekene namacala enkohlakalo yethenda yezigidi, nozakwabo uMnuz Mike Mabuyakhulu basazoke bame kancane ezintweni zaleli qembu kuze kube kuyacaca ngamacala ababhekene nawo.

UNkk Gumede unezinsuku ezimbalwa engenile esiShayamthetho.

UMabuyakhulu naye ubhekene necala lenkohlakalo yamathenda njengoNkk Gumede.

USihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthe akusikona ukuthi amalungu e-ANC ayaxoshwa kodwa kufanele ayovela phambi kwekhomishini ebhekelele ukuziphatha kwamalungu ale nhlangano.

Uthe bavikela isithunzi se-ANC futhi namaqabane athintekayo ayakuqonda lokhu futhi ayahambisana nesinqumo sokuthi ahoxe kancane ezikhundleni zawo.

“Akusikona ukuthi amalungu ayaxoshwa noma ayasula emsebenzini wawo kodwa sithi bonke ababhekene namacala ezinkantolo abahoxe ezikhundleni abajutshwe kuzona nasemsebenzini we-ANC,” kusho uZikalala.

Lesi sinqumo sethuse abaningi njengoba i-ANC kulesi sifundazwe ngesonto eledlule ikhulume yaze yakhihliza amagwebu ivikela isinqumo sokuqokwa kukaNkk Gumede esiShayamthetho yize esabhekene namacala enkohlakalo enkantolo.

Ehuba elinye iculo uZikalala uthe ngisho amakhansela abhekene namacala ezinkantolo kufanele ahoxe ezikhundleni zawo.

UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mdumiseni Ntuli, uthe ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buzoxoxa nobuholi be-ANC kuzwelonke ukuzwa ukuthi azokwenziwa njani amalungu e-ANC abhekene nezinsolo ezingcolisa igama le-ANC kodwa angamangalelwe enkantolo.

Uthe i-ANC yinhlangano eyingxenye yomphakathi, ewukhathalelayo futhi ewulalelayo uma unezikhalo.

Lesi senzo senze ngisho abahlaziyi bepolitiki bakhwele badilika kubaholi be-ANC kulesi sifundazwe.

Umhlaziyi wezePolitiki ozimele uMnuz Xolani Dube uchaze iKwaZulu-Natal njengesifundazwe esingenamholi. Uchaze uZikalala njengomholi ofana nento engekho uma ebuka izinqumo azithathile.

“UZikalala noNtuli abakaze basebenza ndawo, lokhu kuyaziveza manje endleleni nasezinqumeni abazithathayo,” kusho uDube.

Uthe kuzomele kube nengxoxo ejulile ngokuthi lesi sifundazwe sisabudinga yini lobu buholi.

“Ngelinye ilanga abantu bakulesi sifundazwe bayovuka sekuthiwa ayisekho iKZN, isithathwe ngabanye abantu ngaphansi kwalaba baholi....Yihlazo leli. Lawa ngamasela uqobo adayise ngelinye isela elibuthakathaka,” kusho uDube.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNkk Gumede igcine ingaphumelelanga kodwa okhulumela abalandeli bakhe, uMnuz Mzomuhle Dube, uthe ukube leli qembu alizange limsuse esikhundleni sobumeya, ngabe ayikho yonke le nto.

“Kwakumele bamyeke ngoba kucacile abazi ukuthi kumele balusingathe kanjani lolu daba lwakhe.

“Bekungamele baze bakhiphe nalesi sitatimende abasenze namhlanje (ngoLwesihlanu),” kusho okhulumela abalandeli bakaNkk Gumede, wagcizelela ukuthi lolu daba alukazophela.

Uqhube wathi ukube ubeyi-ANC ubengeke akhiphe sitatimende ngoba abazi ukuthi babemsuselani kwaasekuqaleni ngoba kucacile luyabehlula udaba lwakhe.