KULINDWE ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ukuba budingide bunqume ngekusasa leMeya kaMasipala uMvoti, uMnuz Thamsanqa Ngubane, okuthiwa uKhongolose esiFundeni iNkosi Bhambatha uyamxosha.
Umthombo othembekile opotshoze udaba uthi i-ANC esiFundeni Inkosi Bhambatha isibize imihlangano izikhawu lapho efike inqume khona ukuthi uNgubane ashenxe esikhundleni kujutshwe enye imeya.
Kuthiwa ubuholi besifunda abeneme ngendlela okuphethwe ngayo uMasipala Umvoti nokwenze babhalela ubuholi besifundazwe ukuze buthathe isinqumo ngoNgubane.
UNobhala we-ANC esiFundeni Inkosi Bhambatha, uMnuz Bheki Lembede, uthe abaphumile iqhubu nomasipala owodwa kodwa bebebheka indlela omasipala abaphethwe ngayo bese benza iziphakamiso uma kukhona okudinga ukulungiswa.
Ukuqinisekisile ukuthi beyisifunda bake bahlangana bathi ukubhunga kabanzi ngezindaba ezehlukene abangeke bazikhulume kwabezindaba.
“Sibhalele ubuholi besifundazwe emuva kokuthi kade sibheka izindaba zokuphathwa komasipala bonke nje abangaphansi kwesifunda, nabangaphethwe yithina hhayi ukuthi sibheke umasipala owodwa. Asikwazi ukuxoxa ngakho sigxile okwamanje ngoba sixhumane nobuholi silinde bona ukuthi busihole,’’ kusho uLembede
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Nhlakanipho Ntombela uthe akulindwe ngoba i-ANC esifundazweni izoba nomhlangano, uma kukhona udaba olunjalo luzoxoxwa kuwona.
“Okwamanje asinalo ulwazi kodwa uma lukhona udaba luzoxoxwa emhlanganweni wesigungu esiphezulu esifundazweni ozohlala kule mpelasonto,’’ kuchaza uNtombela.
Udaba lweMeya uNgubane aluqali ukuba sematheni njengoba eke wabizwa yi-ANC ezochaza ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi umasipala usebenzise uR11 million wokukhokhela izindleko zokugadwa kwakhe nezinye izikhulu.
Uphinde waba sematheni kuvela izindaba zokuthi kunowesifazane owanukubezwa emzini wemeya ewuthole ngokomsebenzi wayo.
Kuke kwaba nemibhikisho umphakathi ukhala ngemeya uthi ayikhonjwe indlela.
Imeya izanywe kaningi ocingweni ingatholakali yashiyelwa nomyalezo ongazange uphendulwe.