UMHOLI we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, uthi uzoyifaka enkantolo i-Independent Electoral Commission (IEC), uma iqhubeka nokuchitha isicelo sokubhaliswa kweqembu.
Izolo uMashaba ubehamba namanye amalungu eqembu bezofaka isicelo sokudlulisa isinqumo se-IEC sokuchitha isicelo sabo sokubhalisa leli qembu, emahhovisi aseCenturion.
Ngenyanga edlule, i-IEC yachitha isicelo sokubhaliswa kwe-ActionSA ngoba uphawu lwayo lunefulegi lakuleli futhi lucishe lufane neyelinye iqembu iParty Of Action (POA).
I-IEC yathi baphule isigaba u-16 (1)(b) somthetho wezokuvotisa okubeka kucace ukuthi lingavunyelwa iqembu elinophawu olufana ncamashi nolwelinye iqembu.
I-IEC inikeze i-ActionSA izinsuku ezingu-30 ukuba iphikise lesi sinqumo.
UMashaba uthe i-IEC ayenzi ubulungiswa futhi amaqembu abawaphathi ngendlela efanayo.
Wenze isibonelo nge-ANC ne-AIC wathi uphawu lwalawo maqembu lucishe lufane. Uthe ukuthi uphawu luyafana nolweqembu iPOA ngeke nje kwadidisa abavoti.
Okhulumela i-ActionSA uNksz Lerato Ngobeni, uthe yinkantolo ezoxazululela iqembu le nkinga.. IPhini lesikhulu esiphezulu se-IEC, uMnuz Masego Sheburi, lithe kulandelwe imithetho yezokuvota esinqumeni sabo wathi uma leli qembu lingagculisekile selingaya enkantolo.