UMHOLI we-African Democratic Change (ADeC) uMakhosi Khoza. Isithombe: Sibonelo Ngcobo
OWAYEYILUNGU le-ANC ePhalamende, uDkt Makhosi Khoza, uthi usekulindele ngabomvu ukuthi iNingizimu Afrika iqale kabusha uma umengameli Jacob Zuma esehlile esikhundleni. 

UKhoza, ogcine ekhethe ukuyishiya i-ANC wasungula iqembu lakhe lezombusazwe, i-African Democratic Change (ADeC), ubhale ekhasini lakhe kuFacebook ngoLwesithathu wathi uZuma kumele ehle esikhundleni. 

"Sengikulindele ngabomvu ukuthi siqale kabusha. Noma ngimanqika ngoCyril Ramaphosa kodwa ngiyakholwa ukuthi uzokwenza iNingizimu Afrika ihlonipheke futhi. Ngiyacela Msholozi, hamba!" kubhala uKhoza. 


Uqhube wasola uZuma ngokuthunaza isithunzi sezwe. 

"Wenze inkohlakalo yazinza kuleli. Kuningi esingakubala, hamba.uyohlala nezingane zakho eziningi nabazukulu," kusho yena. 


 


UKhoza ubephawula odabeni lukamengameli Zuma okulindeleke ukuthi esule esikhundleni sakhe sokuba ngumengameli wezwe ngemuva kokuhoxiswa yi-ANC. 

UZuma ekhuluma nabeSABC namhlanje uthe akahambisani nesinqumo esithathwe yi-ANC ngoba ubuholi bayo abukaze bumnikeze izizathu zokuthi kungani kumele esule esikhundleni. 

Ngaphambi kokuthi ayishiye i-ANC uMakhosi Khoza wayesevele eqalile ethi umengameli Zuma kumeli asuswe esikhundleni.

Lokhu kwaholela ekutheni i-ANC KwaZulu-Natal imubizele esigungwini sokuqondiswa ubugwegwe 'ngokuphula imigomo yenhlangano'. 

Ngesikhathi ethula iqembu lakhe nyakenye uKhoza wathi phakathi kwezinto abazimisele ngazo ukulwa nenkohlakalo yokukhishwa kwamathenda kahulumeni ngokobungani nokucwasana ngokobuhlanga.