NGIYAZI ukuthi kunemindeni eminingi kodwa othola ukuthi ngenxa yesimo somnotho esintengayo bazithola sebehlala endlini encane noma enganele ukuthi izingane zingaba negumbi lazo lokulala, abanye uthola ukuthi bahlala emkhukhwini ngenxa yaso njalo isimo.
Akunankinga lokho ngiyaqonda ukuthi akuvelwa kanye kanye kungemadlebe embongolo, kodwa namhlanje ngifisa kubhekwe kabanzi le nto yokuya ocansini endlini eyodwa enilala kuyo nezingane. Ngifisa abazali bazijwayeze ukwenza ngenye indlela ukuze izingane zingagcini sezizwa umcimbi loyo osuke wenziwa, angisho ukuthi ningazijabulisi ngoba phela ayikho into enisuke ningayenza.
Kodwa ngifisa nizame ukuthi uma nizijabulisa ngocansi izingane zingayizwa leyo nto enisuke niyenza ngoba izingane zanamhlanje ave zihlakaniphile into ziyibamba njengoba injalo.
Sikhule emakhaya lapho khona ingane ibithi ingakhula ihambe iyolala nogogo okanye iyolala nezinye kwenye indlu ngoba bekwenzelwa ukuthi ingayizwa le nto esuke yenziwa abantu abadala.
Ngifisa abazali benze imizamo yokuthi okungenani uma behlala endlini eyodwa nezingane bazilinde okungcono ziqale zizumeke futhi nakhona niqinisekise ukuthi zizumeke ngempela ngoba lezi zingane zanamhlanje ungazitshela ukuthi zilele kanti zibheke ngawo womabili.
Ngifisa kube segazini kubazali ukuthi uma bezijabulisa esimeni esikanjalo abawubangi umsindo ozokwenza ukuthi kugcine sekuvuka izingane.
Ngiyakuqonda ukuthi ukuya ocansini ucansi kuwumcimbi omnandi abanye okubahlulayo ukungawubangi umsindo,kodwa ngifisa konke ukuzijabulisa esikwenzayo singabazali siqinisekise ukuthi izingane azivuki okanye aziphazamiseki.
Abanye uthola ukuthi ingane balala nayo embhedeni, kungakuhle uma nizijabulisa ingane niyindlalele phansi ukuze ingaphazamiseki.
Okubi ngalokhu ukuthi izingane zanamhlanje ziyaxoxa kakhulu, yingakho uthola ukuthi izingane zizithola sezixoxa nezinye zixoxa ngezinto ezenziwa abantu abadala okufanele engabe ziyimfihlo.
Ngifisa uma ikhona indlela izingane esezibona emehlweni zingayizwa imikhuba yethu esiyenzayo uma sizijabulisa.
Kuhle ukuthi izingane sizihloniphe yikhona nazo zizosihlonipha, akuzwakali kahle uma ingane isihamba ixoxa ukuthi abazali bayo benzani ebusuku, ezinye izingane azigcini ngokuxoxa kuphela uma sezihleli nabangani bazo.
Kodwa ziphinde zilingise lento ezisuke zibona abazali beyenza, leyo nto iyihlazo elikhulu kuthina bantu abamnyama futhi yenza nokuthi abazali baleyo ngane sibabuke ngenye indlela.
Abanye baze bancamele nokuzivakashisa izingane ukuze bazijabulise kahle uma bebona ukuthi bampintshekile, nalokho kungcono kakhulu ukunokuthi izingane zibone indlela abazali abazijabulisa ngayo.
Uma beya ocansinii.kuhle ukuthi izingane zihlale ziyizingane, kuthi noma seziqala ukuganga kodwa nathi bazali singabi nomthelela kulokho. Izingane azilale nogogo bakwethu.
Ngelinye ilanga ngadumala kabi ngizwa inkulumo eqoshiwe lapho ingane yayixoxa khona ukusuka nokuhlala ngendlela abazali bayo abazijabulisa ngayo,isho nokuthi izigcina ilele phakathi nendawo kodwa uma isiphaphama iphaphama isilele eceleni.
Uyabona ukuthi lowo muntu usehlakaniphe ngokwanele ngoba usekwazi nokuxoxa izindaba ezinkulu. Ebese kubakhona labosisi abangashadile othola ukuthi bazithandanela nobhuti nje futhi umuntu uzihlalela emqashweni nengane yakhe.
Esimeni esikanjalo kungakuhle sisi wami kube uwena ogaxa isikhwama uyovakashela isoka lakho ukuze izingane zingazi ukuthi kwenzekani.
Asizifundise ukuhlonipha abantwana bethu, singayi ocansini kuze kuphaphame izingane.
Abanye abahlala emqashweni bancamela ukuzijabulisa emini izingane zingekho zisesikoleni.nalokho futhi kungcono kakhulu, kanti abanye bayazigxosha bathi aziyodlala yikhona bezokwazi ukwenza izinto zabo kahle.
Yiba umzali oqotho enganeni yakho,kumele sazi ukuthi kunezinto ekungamele zibonwe yizingane isikhathi singakafiki.angikholwa ukuthi ukhona umzali ofisa ukuthi ingane yakhe ihambe ixoxa ngaye ngekuzwile okanye ekubonile.
Asizihlonipheni thina siphinde sihloniphe nabantwana bethu,singavumeli izinkanuko zethu zenze sikhohlwe ukuthi ingane iyohlezi iyingane.