UMBANGO wesidumbu ungagwemeka uma bonke abantu bengaba nencwadi yefa ebalula ukuthi bafuna ukungcwatshwa ngobani, kuphi futhi bafuna ukungcwatshwa kanjani.
Lokhu kushiwo nguNksz Abongile Swana ongummeli enkampanini iNorton Rose Fulbright South Africa Inc eseLa Lucia.
Kuke kwenzeke ukuthi umakoti abange nabasemzini ukuthi umyeni wakhe uzongcwatshwa kuphi. Kwesinye isikhathi amakhosikazi abange ukuthi ngubani ozongcwaba umufi. Konke lokhu uNksz Swana uthe kungagwemeka uma kucacisiwe encwadini yefa.
UNksz Swana uthe incwadi yefa ichaza konke okufiswa wumufi kusukela ekutheni ifa ufisa ukuthi labelwe bani, ukuthi uyanikela noma akanikeli ngezitho zomzimba wakhe. Kuyo le ncwadi umufi ayibhala esaphila angachaza ukuthi ufisa ukuthi angcwatshwe ngubani futhi amngcwabe kuphi.
UNksz Swana ubesho lokhu nje sekusondele isonto lokugqugquzela ukuthi abantu babhale izincwadi zamafa iNational Wills Week eqala ngoSepthemba 12 kuya ku-17.
Kuleli sonto abameli abathile bazobe bebhalisa noma ngubani ofisa ukubhala incwadi yefa mahhala. UNksz Swana uthe abantu abamnyama abaningi bashona bengenayo incwadi yefa okuye kuholele ekutheni uMbuso kube nguwo owaba ifa lakhe, okungenzeka ukuthi le ndlela olaba ngayo ubengayithandi.
“Umthetho uthi noma ngubani oneminyaka ewu-16 kuya phezulu angayibhala incwadi yefa achaze ukuthi ufuna ukuthi kwenzekeni ngefa lakhe uma eshona. Uma ekhetha abantu abazobheka izingane kubalulekile ukuthi kube nabantu ababili ngoba kungenzeka amkhethayo angahambisani nombono wakhe noma ashone ngaphambi kwakhe noma bashone ngesikhathi esisodwa,” kusho yena
Okunye okubalulekile ngukuthi abantu bangakukhohlwa ukuthi kubalulekile ukuthatha imishwalense ezokhokhela izikweleti ukuze imali abayishiyile ingancuzwa kukhokhelwa izikweletu.
“Uma uzibhalele kuba kuhle ukuthi uyibhale ngekhompyutha, ukuze kungabi nokungabaza ukuthi yabhalwa nguwe. Kumele wena nofakazi bakho ababili nibe sendaweni eyodwa ngesikhathi nisayina, ngoba kungenzeka ukuthi kukhona obekuphoqa ukuthi uyibhale ngendlela ethile,” kusho yena. I-