UKUTAKULWA kwezinkampani ezingaphansi kukahulumeni iSAA ne-Eskom, ukunyuka kotshwala nogwayi, ukunyuswa kwentela ekhokhwa abahola kakhulu, ukunyuswa kwezimpesheni, ukuzama ukwehlisa isikweletu sikahulumeni ngezinye zezinto okulindeleke ukuthi zibe seqhulwini uma uNgqongqoshe wezimali uMnuz Tito Mboweni esethula isabelo sezimali ngoLwesithathu ntambama ePhalamende eKapa.
Lokhu kushiwo ngongoti bezomnotho abathe balindele ukuthi uMboweni achaze kabanzi ngokutakula i-Eskom kanjalo ne-SAA okuvele ukuthi izocazwa kathathu njengoba lezi zinkampani zibhekene nenkinga.
Ngeledlule kubuye ukucishwa kukagesi kuleli okuze kwadlulela sasesigabeni sokugcina uStage 4.
UMengameli Cyril Ramaphosa, ngeledlule uthe uMboweni nguyena ozocacisa ngokuthi i-Eskom izotakulwa ngamalini njengoba ethe ngeke idayiswe izoqhubeka ibe ngaphansi kukahulumeni.
UNksz Madelein Grobler, ongumqondisi wezentela kwa-SAICA, uthe esabelweni sezimali samaphakathi nonyaka nyakenye kunemali enguR8.3 billion ukusiza i-SAA, SAA Airways neposi.
Uthe kuzoqhubeka ukutshala imali kulezi zinkampani nezinye ezingaphansi kukahulumeni.
Uqhube wathi nendaba yesabelo esiphezulu sabasebenzi bahulumeni njengoba kunezinhlelo zokuthi sehliswe.
Usomnotho wakwaMomentum Investment, uMnuz Sanisha Packirisamy, uthe kuzoqhubeka kutakulwe lezi zinkampani ezingaphansi kukahulumeni, wathi njengoba kuyiwa okhethweni aluzoba khona uhlelo olucacile lokuthi zizokhishwa kanjani kulolu bishi.
Uthe indaba yokulwa nenkohlakalo ngezinye zezinto ezizoba seqhulwini njengoba kuqhubeka nekhomishi ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana.
"Mancane amathuba okuthi kuzohlangatshezwana nemali okumele iqoqwe kwezentela. Nendaba yesabelo esikhokhelwa abasebenzi bahulumeni izoba seqhulwini indaba yaso," kusho uPackirisamy.
Uthe nendaba yesikweletu sikahulumeni izoba seqhulwini njengoba imali ekhokhelwa lesi sikweletu isiya ku-15%.
ICosatu ithe ifuna uMboweni acacise ngezinhlelo zokulungisa umnotho wezwe osenkingeni, ukulahleka kwemisebenzi, ukungasebenzi kwabantu, ukungagcwaliswa kwezikhala ezibhedlela, ukwehliswa kwekhabhinethi, izinhlelo zokutakula izinkampani zikahulumeni, ukususwa kwama-etolls eGoli nezinye.
Namaqembu ezepolitiki akhale ngemali enkulu ekweletwa yizwe njengoba ngonyaka kukhokhwa uR180 billion.
Okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe balindele uMboweni ukuthi agxile ekukhiqizeni amakhono kwezemfundo, kuthuthukiswe ezempilo nomnotho, kwakhiwe ingqalasizinda yemigwaqo.
Uthe kumele kuye ngokwamagama enkehli ngodaba lwakwa-Eskom njengoba ayethe uzoqinisa isandla uMboweni.
"Kumele lesi sabelo sinike umkhombandlela ngezinkampani ezingaphansi kukahulumeni,
kwehliswe iVAT, kuyekwe eyentela efakwa kuphethroli, kwehliswe imali esebenza budedengu."
I-DA izothula eyaso isabelo sezimali ngoLwesibili esizogxila ekuthuthukiseni umnotho, ukwehlisa isikweletu sikahulumeni, nokubhekana nezinkampani ezingaphansi kukahulumeni.
I-SA Canegrowers isikhalile kuMboweni yathi akacabangisise indaba yentela efakwa kushukela ngoba selokhu yabakhona le ntela sekuyidle uR1 billion.
Le nhlangano ithi ingu-6500 imisebenzi ezolahleka embonini kamoba yathi uma uhulumeni ezimisele ngokwakha le misebenzi engu-275 000 eyengeziwe, kumele ibuyekezwe indaba yale ntela.