IZOLO Isolezwe libike ngokubulawa ngesihluku kukaNkk Ntombizodwa “Zo” Dlamini odutshulwe wumyeni phambi kwabazali bakhe asebekhulile, umfowabo, umakoti wakubo nengane eneminyaka engaphansi kwemithathu ngeSonto emini. Umufi ubekubo ngesikhathi kugasela umyeni wakhe, uMnuz Sipho Dlamini, obengujele wamdubula ephaseji, maqede wabaleka.
Khona ngeSonto emuva kwamahora ambalwa, utholwe emotweni yakhe epake eceleni komgwaqo umyeni. Amaphoyisa kuthiwa amncenge cishe amahora amabili ukuba alethe isibhamu. Kuthiwa ubekhala ngokuthi ngeke akwazi ukubekezelela ukuphila ngaphandle kwenkosikazi yakhe njengoba eyilungu eliqavile ebandleni futhi uma eboshwa ezobhekana neziboshwa abezigada.
UMNUZ Lot Ndoda Ntuli uthathwe lapha elandisa Isolezwe ngobuhlungu bokudutshulwa kwendodakazi ebuka. FUNDA: kunzima bebona indodakazi ibulawa umyeni
Umsolwa kuthiwa ubesezidubula kanye esilevini, washona khona lapho.
Isolezwe likhulume nomndeni kaNkk Dlamini ukuthola kabanzi ngobudlelwane bakhe nomyeni wakhe.
Nakhu esikutholile ngezinye zezinto okuthiwa umyeni kaNkk Dlamini ubemhlukumeza ngazo:
* Ubenqaba ukuthi babe nomsizi wasendlini ngoba ethi wamlobola ngakho kumele abuye emsebenzini enze imisebenzi yasendlini.
* Ubenqaba ukuthi athenge imoto yakhe. Ethi uzozenza indoda.
* Ubengafuni ahlale yedwa uma engenzi lutho emphoqa ukuthi aye ezihlotsheni zomyeni ahlale nazo, angahlali yedwa emzini wabo.
* Ubemnqabela ukuyovakashela abantu bakubo.
* UNkk Dlamini uke walala esibhedlela amasonto amabili elashelwa ukhwantalala.
* Ubemphoqa ukuthi angalinge ababikele abantu ngokushaywa kwakhe.
* Ubenesibhamu esisemthethweni abemsabisa ngaso.
* Useke wamyekisa omunye umsebenzi okude naseMgungundlovu, kuthiwa wamlanda ngesibhamu khona.
Abashonile bese beneminyaka engu-12 beshadile. Bashiye izingane zabo zabafana ezineminyaka engu-12 nengu-10. Umuzi abebehlala kuwo bawuthengelwa uNtuli.