SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI
ENYE yezinto eziba yinkinga enkulu uma kuziwa ekutholeni umhlomulo wempesheni, kuba wukuthola umhlomulo wakho ngesikhathi.
Umthelela wokungawutholi umhlomulo wakho ngesikhathi, uholela ekutheni ungene ezikweletini kokunye kuyaye kudingeke ukuba unciphise izindleko ngokumisa imishwalense.
Sesisize izisebenzi zikahulumeni eziningi, ngakho sesinawo umhlahlandlela ogwema ukuthi umhlomulo wakho ukhokhwe emva kwesikhathi eside.
Abantu abaningi abaya empeshenini, baye bazithole bedumala uma sebebona ukuthi ukuhlala ekhaya kuhambisana nokulahlekelwa yimali.
Isizathu salokhu ukungazihleleli ukuya empeshenini kanye nokufaka imiqingo efanele kumqashi ngaphambi kokuya empeshenini.
Inkunzi Wealth Group isisize amakhulu abantu abasempeshenini kanye nalabo abasulile emsebenzini, ngakho sinesipiliyoni esanele uma kuziwa emigudwini elandelwayo ukuze kugwemeke ukukhokhelwa umhlomulo wakho ngesikhathi.
Nazi izizathu eziholela ekutheni ungawutholi umhlomulo wakho ngesikhathi:
* Ukungafaki incwadi yokuya empeshenini okanye yokwesula emsebenzini kusanesikhathi. Kuyaye kudingakale ukuthi ufake lezi zincwadi cishe sekusele izinyanga ezintathu uyeke emsebenzini noma uye empeshenini.
Inkinga yemininingwane ekungeyona, ibankulu ikakhulukazi uma kuziwa kwiGEPF kanye nenkampani ezizimele.
* Ukuthola izeluleko ezifanele mayelana nezinhlelo zokulondoloza emuva kokwesula emsebenzini noma usungene empeshenini. Abaningi bayaye bashintshe umqondo phakathi nezinhlelo uma sebebona ukuthi bazolahlekelwa yimali, ikakhulukazi kwintela. Lokhu kusho ukuthi kumele uqale ekuqaleni kanti lokhu kungenza izinyanga ezimbili ulinde umhlomulo wakho. Siyaye sicebise amakhasimende ethu ukuba aqiniseke ukuthatha izinqumo eziwalungele nezihambelana nezifiso zawo.
* Ukungabi nendlela yokuxhumana nokusho ukuthi imininingwane edingekayo ayitholakali ngesikhathi okuholela ekutheni izinto zithathe isikhathi esithe xaxa.
Ukuze ugweme ukulinda isikhathi eside ukuthola impesheni yakho ungaxhumana nathi sikusize ukuthi usheshe uthole umhlomulo wakho ngokushesha.