ESIKHATHINI sanamhlanje ukhwantalala (depression) lubalwa phambili ohlwini lwezinto ezikhungethe abantu. Kubantu bohlanga lesi yisifo esiguqula imizwa yakho ngokushesha, nendlela ocabanga ngayo ngempilo, sifana nesisha njengoba abaningi besazifundisa ngaso.
Enye yemibuzo evame ukubuzwa abantu abaningi ukuthi umnakekela kanjani umuntu onokhwantalala. Ongoti baveza ukuthi kunzima ukwazi ukuthi ungamlekelela kanjani umuntu ophethwe yilesi sifo nokuthi umeseka kanjani. Uma ungazi ukuthi wenze njani ngomuntu onalesi sifo, nanka amathiphu angakusiza unakekekele umuntu onokhwantalala. Ungakhohlwa ukuzinakekela nawe.
-
Thola ulwazi
- Uma ungenaso isiqiniseko ngokuthi silwane sini ukhwantalala, kuhle ukuthi uzifundise. Lokhu kuzokusiza ukuthi uqonde kangcono ukuthi umngani noma isihlobo sakho sidlula esimweni esinjani.
-
Muphe indlebe
- Uma ophethwe wukhwantalala edinga umuntu angakhuluma naye, muphe indlebe uzame ukuthola ukuthi uzizwa kanjani. Ungambuza ukuthi yini ongayenza ukumsiza. Uma kunodaba olubucayi ofisa ukubhunga ngalo nomuntu onokhwantalala, kuhle ukhethe isikhathi nendawo lapho bekhululeke khona. Uma enengekile noma ecasukile kungcono ungaluphathi lolu daba kuze kube umoya wabo sewehlile.
-
Ithathele phezulu imizwa yabo
- Uma umuntu enezimpawu zokhwantalala akukho lula ukuthi avele akhohlwe adlula kukho, noma ukuvele ajabule esithubeni. Uma ukhuluma naye kumele umkhumbuze ukuthi ukhona futhi uzomseka uma ekudinga. Lokho kwenza kube lula kubo ukuthi bavule izifuba zabo kuwe futhi kubenza babone ukuthi uqinisile uma uthi ukuthathela phezulu abadlula kukho.
-
Bazise ngosizo abangaluthola
- Uma umngani wakho onokhwantalala esembonile udokotela noma oweluleka ngokomqondo kuhle kakhulu lokho. Ungabeseka ngokubazisa ngolunye usizo abangaluthola njengezinombolo abangazishayela ezimweni eziphuthuymayo. Ikhona nenhlangano elekelela abantu abaphethwe yilesi sifo, iDepression and Anxtiey Group etholakala ku-0800 12 13 14, kanti izingcingo zakhona zihlezi zivuliwe. Ungavakashela ne-website yabo ku: www.sadag.co.za
-
Tholakala ezimweni eziphuthumayo
- Akukho lula ukuthi uhlale useduzane nawo wonke umuntu kodwa uma unomngani onalesi sifo, kuhle ukuthi utholakale kalula. Ngaphezu kwalokho uma usola ukuthi kunesimo esiphuthumayo akuso, kuhle ube nezinombolo zabantu ongabathinta abangaba seduzane naye.
-
Zinakekele nawe
- Kubuye kube nzima futhi kukhandlane ukunakekela umuntu onokhwantalala. Ungakwazi ukumsiza kuphela uma nawe uzinakekela. Qinisekisa ukuthi usaqhubeka nokwenza izinto ezikujabulisayo nokuthi usasithola isikhathi esanele sokuphumula. Cela usizo kwabanye abazimisele ukungenelela. Ngaphezu kwalokho, kumele umazise ophethwe yilesi sifo ukuthi ngeke ukwazi ukumenzela konke, umazise ongamsiza ngakho.
- www.reachout.com