UQHUBEKE nokukhombisa isibindi uNksz Cheryl Zondi ngesikhathi esonga ukwethula ubufakazi ecaleni elibhekene noMfundisi uTimothy Omotoso weJesus Dominion International Church enkantolo eNkulu ePort Elizabeth ngoLwesibili.
UNksz Zondi (22) ungomunye wabesifazane abamangalele lo mfundisi ongowokudabuka eNigeria, ngecala lokunukubeza ngokocansi. NgoLwesibili ubephekwa ngemibuzo abameli ba-Omotoso.
Selokhu eqalile ukwethula ubufakazi uNksz Zondi uveze okuningi okushaqisayo athi kwenzeka kuyena ngesikhathi egilwa u-Omotoso.
Phakathi kwezinto asazivezile wukuthi wayeyitshitshi eneminyaka engu-14 ngesikhathi enukubezwa yilo mfundisi.
Yize ethula ubufakazi manje uNksz Zondi, kodwa ngoJuni nonyaka ubhale kwi-blog yakhe kabanzi ngokwamehlela kusukela ejoyina leli bandla.
Incwandi kaNksz Zondi ehumushiwe echaza izigameko zosuku adlwengulwa ngalo:
‘...ngingena ngazizwa ukuthi ngathi sengingene komunye umkhathi - ongalungile. Leli gumbi alikhanyi kahle.
“Khiya umnyango,” engiyalela ngezwi lakhe elinobuqhwaga.
“Unjani Lelo?”
“Ngiyaphila daddy,’ ngasho ngimanga. “Unjani wena?”
“Ngiyaphila umusa kaNkulunkulu usangigcinile.”
“Kuhle ukuzwa lokho daddy.”
Ngasuka lapho ngahlala phansi kukhaphethi eceleni kombhede ngambuka ngimoyizela kuhle okwengane encane.
“Ungahlali phansi, woza uzohlala la,” kusho yena embambatha umbhede eceleni kwalapho ayehlezi khona.
Lokhu kwangenza ngaxwaya kancane kodwa ngalandela umyalelo wakhe. Angithi uyindoda kaNkulunkulu futhi ungubaba wami kuKrestu ngakho ngeke angenze lutho okuzongizwisa ubuhlungu? Ngazitshela lokho ngiziqinisekisa, ngacindeza imicabango eyayiqhamuka. Wabona ukuthi angisakhululekile.
“Khulukela Lelo.”
Lawa mazwi avele angenze ngizizwe ngingcono, ngaphefumula.
“Ngingakusiza ngani?
“Angazi daddy. Uwena ongibizile ngakho bengizitshela ukuthi ubufuna sikhulume ngento ebalulekile, njengomsebenzi wami kwezomculo?”
Avele amoyizele.
“Kuyiqiniso lokho kodwa angifuni ukugxila kuleso sihloko njengamanje.”
Leso sihloko? Ngempela? Ngabe umculo umcoba ngaleyo yondlela?
Ngithe ngisathuswe yilokho ngambuza ukuthi kungani ecele ukungibona.
“Bengifuna ukukubuza ukuthi ikuphi imizwa yakho ngami,” ephendula.
Isisu sami sashwabana, koma umphimbo ngendlela yokuthi angikwazanga ngisho ukukhipha igama elilodwa.
Ngizizwa kanjani ngaye? Ngixakekile kakhulu. Angazi uchaza ukuthini.
“Ngizizwa kanjani ngawe?”
“Imizwa yami ngawe iyafana neyendodakazi ngobaba wayo,” ngisho ngethemba lokuthi uzoyishintsha ingxoxo.
“Ngiyakuqonda lokho kodwa ngifuna ukwazi ukuthi uyabona yini ngaphezu kwalokho Lelo,”
Ngaphezu kwalokho?
Uyakubona ukuthuka kwami nokuhleka.
“Daddy angazi uchaza ukuthini. Uyangisabisa,” ngisho ngezwi elinokusaba nokuphefumula okuphezulu.
Wabeka isandla sakhe ehlombe lami wahleka. Angihleki mina.
“Kulungile Lelo. Angifuni ukukuxaka. Usungahamba.”
Ngifa uvalo, ngasukuma kancane embhedeni, yena wasukuma ephuma emashidini ombhede.
Njengoba sengisaba okungenzeka, ngavela ngama. Wama phambi kwami wanganga, kodwa ngendlela ehlukile kunezinye izikhathi. Kulokhu udonsa intambo ka-bra engiwugqokile engathi abafana abancane bedlala ngesihlilingi, sebelindele ukushaya noma yini abayicuphile. Kulokhu akangidedeli.
Angisakwazi ukunyakaza. Nkulunkulu, lento ayikwazi ukwenzeka lento kimi. Ngiyacela. Wangiphushela embhedeni waqala wangithina. Ngavala amehlo ngaqala ngasula izinyembezi ezasezehla ebusweni bami zingabambeki...'
Ungafunda incwadi ephelele kaCheryl lapha
: https://lettersfromsherry.wordpress.com/
Ukuqulwa kwecala kusaqhubeka.