AMABHIZINISI amancane ayaqhubeka nokuba wumgogodla womnotho yize amaningi ewa kungakapheli iminyaka emithathu esunguliwe.
Isikhulu esiphezulu senkampani exhasa osomabhizinisi abancane iFinfind, uNkk Darlene Menzies, sithe kubalulekile ukuthi kusungulwe amabhizinisi ngoba kuzodilizwa abantu eminyakeni emithathu ezayo futhi nasezinkampanini ezizimele wu-22% kuphela wezikhulu eziphezulu othi izinkampani zizokhula kulezi zinyanga eziwu-12 ezizayo.
UNkk Menzies uthe osomabhizinisi abaningi abanawo amakhono okubheka izinkampani ezixhasana ngemali futhi abakwazi nokuchaza izinhlelo zabo zebhizinisi uma sebenikwe ithuba.
“Izicelo eziningi zoxhaso ziyachithwa ngenxa yokuthi osomabhizinisi abanalo ikhono lokuphatha imali futhi abakwazi ukuchaza kahle ukuthi imali bazoyenzani,” kusho uNkk Menzies.
Uthe osomabhizinisi kufanele bahlome ngamakhono azoheha abatshalizimali okubalwa kuwo;
- Ikhono lokuphatha imali, elokwazi kabanzi ukuchaza ngebhizinisi, elokuchaza ukuthi imali uyidingelani nomlando wokuthi ibhizinisi lizothuthuka kanjani uma lithola uxhaso.
UNkk Menzies uthe abatshalimali bafuna ukwazi ukuthi bazofaka imali yabo ebhizinisini elizophumelela ngoba kubalulekile ukuthi ibuye imali abayitshalile.
“Kubalulekile ukuthi usomabhizinisi omncane uma efuna uxhaso acacise ukuthi ibhizinisi lakhe lizokhula kanjani nokuthi uma ebolekwa imali ibhizinisi lakhe lizokwazi ukwenza inzuzo ukuze akhokhele isikweletu. Kufanele abe nemininingwane yakhe yemali, izitatimende zasebhange nezeVAT. Ngebhadi osomabhizinisi abaningi abakwazi ukuza nale mininingwane uma beyocela uxhaso ngoba abakwazi ukuziphathela amabhuku nemali. Lokhu kuholela ekutheni bangalutholi uxhaso,” kusho uNkk Menzies.
Ube esenika osomabhizinisi abafuna uxhaso lawa masu ambalwa athe azobasiza uma beyofuna uxhaso
-Yiba nohlelo lwebhizinisi olucacisayo ukuthi imali liyingenisa kanjani.
- Zazi isimo sakho sezikweletu ukuze uma kukhona obakweletayo usheshe ubakhokhele ngaphambi kokuyocela uxhaso lwemali.
- Khokhela izikweletu zakho nyanga zonke ngoba abaxhasa ngemali bayabheka ukuthi unegama elinjani kwezezikweletu.
- Bhala yonke imininingwane yebhizinisi, imali engenayo nephumayo ngoba lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi uzokwazi ukuphatha imali. Yazi isimo sakho sezimali ukuze ufake isicelo soxhaso lwemali kusasele izinyanga ngaphambi kokuthi uludinge, ungaceli uxhaso ngoba ungasenalutho kwi-akhawunti yakho yebhizinisi.
- Zichaze zicace izizathu ezenza udinge uxhaso lwemali, ukhombise nokuthi inkampani yakho ibihweba kahle ngaphambi kokuthi ubone isidingo sokucela uxhaso lwemali.
- Cela usizo kungoti ozokusiza ukukwenzela amabhuku, akululeke ngolwazi lwemali nolwentela.
UNkk Menzies uthe zingaphezu kuka-200 izinkampani ezixhasana ngemali ezinemikhiqizo engaphezu kuka-500 eyenzelwe osomabhizinisi abancane.
Ukuthola abaxhasi, osomabhizinisi abancane bangavakashela ku-www.finfind.co.za