NGESIKHATHI lowo owayeyisikhulu enkampanini iBosasa Facilities Management, uMnuz Angelo Agrizzi, eqala ukufakaza kwikhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana, akekho owayelindele ezinye zezinto asezidalulile.
U-Agrizzi usebenze kule nkampani kusukela ngonyaka ka-1999 kuya ku-2016. Uveze ukuthi kule minyaka wayeyisithenjwa sowayeyisikhulu esiphezulu eBosasa uMnuz Gavin Watson.
NgoLwesithathu ubufakazi abethula bagudla ongqongqoshe ababili, nomholi wenyunyana yabasebenzi. Nokho ushiye abaningi bekhexile ngemuva kwezinto azidalule ngoLwesine.
Nakhu okulishumi okushaqisayo ukusadalulwe u-Agrizzi:
-
IBosasa yachitha imali efinyelela kuR6 million igwazela izikhulu ezikuhulumeni nakumabhizinisi kahulumeni (State Owned Entities).
-
IBosasa yathola izinkontileka zikaR10 billion (uma zihlanganisiwe) kuya phezulu kuhulumeni.
-
U-Agrizzi uthe imali encane ake agwaza ngayo kule nkampani uR5 000 kodwa wayeke anikeze abantu uR1 million kuya phezulu kwezinye izikhathi.
-
Uveze ukuthi kunamagumbi awu-8 emahhovisi eBosasa obekufihlwa kuwo imali yokugwaza.
-
Uthe ayikho neyodwa inkontileka eyatholwa iBosasa kuhulumeni ayayinganalo ichashaza lenkohlakalo.
-
Isikhulu esiphezulu uMnuz Gavin Watson wayechoma ngokuthi unakekela izikhulu ezikuhulumeni ngokuzigwazela ngezindodla zemali.
-
Kwagwazelwa izikhulu zeNational Prosecuting Authority (NPA) ukuze kunqandwe ukushushiswa kwabasebenzi baseBosasa ababethintenka ophenyweni olwenziwa yiSpecial Investigating Unit (SIU).
-
U-Agrizzi ukhombise ikhomishini ivideo ebikhombisa lapho kugcinwa khona imali yaseBosasa. Kule video bekubonakala isikhulu saseBosasa uMnuz Gavin Watson ebala imali u-Agrizzi athe yayisetshenziselwa ukugwazela amathenda.
-
Izikhulu zaseBosasa beziphila ‘okwezinyamazane ezihlala zixwayile’ futhi ‘uma wazi okuningi wawususwa’.
-
U-Agrizzi useke wathola izinsongo zokuthi uzobulawa uma eke wakhuluma ngezinto azaziyo futhi usenabaqaphi.