Izindaba

Ezothando: Umkami akasafuni kwinanazi usefuna ngemuva

ELAWINI LIKA-MAGUMEDE|Published

ELAWINI LIKA-MAGUMEDE

Umbuzo

:

Ngihlale ngibona osisi bekhala ngamadoda achama emuva kwemizuzu emibili kuqalwe ukujatshuliswana. Engifisa ukukwazi ukuthi basuke belindeni bona osisi? Ngokwami umuntu umazichamele. Ngifisa ukwazi ukuthi osisi umzuliswano bafuna udonse isikhathi esingakanani kanti ngoba uma udle imbiza bayakhala futh athi umuntu umenza imbongolo.

Impendulo

: Asikho isikhathi esibekiwe ukuthi umzuliswano ungadonsa isikhathi esingakanani. Kepha wonke owesilisa onamava kwezocansi uyazi ukuthi akumele achame engakamchamisi owesifazane. Abantu abafani, kunabangenandaba nemizuzu emibili, kuncika ukuthi bachama nini nabo.

Umbuzo

: Nginenkinga ngishiywe ubaba wabantwana, ngizithwele nginezinyanga eziwu-7 ekubeni sinabantwana abathathu. Angisazi isizathu esidale ukuthi angishiye, bengilokhu nginethemba lokuthi uzobuya kodwa cha uhlule ngisho ngimncenga ukuthi okungcono sintshontshane wala waphetha wathi ngizosuke ngitshele abantu.

Indaba ila bengisithathile sinqumo sokuba angisophinde ngizibandakanye kwezothando, kodwa ngisemncane nami nginemizwa ngiyehluleka ngoba nami ngike ngifise ukuthola umuntu ngaleso sikhathi, manje inkinga umuntu uvele afune ukunginamathela. Ngabe ngiyona yini uma ngithola umuntu wakwaButhelezi ukuze ngizoxola khona noma kwenzeka ngithola umntwana kodwa kube owakubo kwalaba?

Impendulo

: Ngokuzwa kwami sisi wami unezingane ezintathu nale yesine oyithwele. Angiboni ukuthi kusazoba umqondo omuhle ukuthi uqhubeke nokuzalela ekhaya.

Okumele ngabe kugcwele umqondo wakho ukuthi uzobondla ngani labantwana abaningi kangaka.

Ngokwami awuke ukhohlwe nje indaba yokufuna ukuzala nendaba yokujola ugxilise umqondo wakho ekukhuliseni lezi zingane.

Ukufuna kwakho ukuthola isoka lakwaButhelezi ukuze

kuthi uma likuzalisa izingane zibize isibongo esisodwa ngeke kukusize ngalutho. Awukhule ngomqondo. Kuwukugqilaza izingane ukuziqhulula usasekhaya ungashadile, ebe esekulaxazile nobaba wezingane.

Umbuzo:

Kunosisi engithandana naye la, ngiqala ukuthandana naye wangitshela

ukuthi unaye umuntu athandana naye kodwa banezinkinga nokungagcina ngokuthi bahlukane noma inini.

Ngihlalile kuye ngamnikeza uthando ngayo yonke indlela ngoba ngiyamthanda futhi nginethemba lokuthi bazogcina behlukene nalo muntu njengokusho kwakhe kodwa manje sekuphele iminyaka emithathu futhi kubukeka sengathi ngeke bahlukane.

Okubuhlungu ukuthi mina ngithandana naye yedwa futhi manje sekunzima ukuthi ngiqale phansi ngifune omunye umuntu ngoba bese

ngize ngayitshela inhliziyo yami ukuthi lona uyena yena.

Ngiyamthanda MaGumede kodwa manje ngiphazanyiswa ileli soka lakhe elimane lifika kanti naye akasayikhulumi nhlobo eyokuhlukana nalo. Ngicela ungisize ungibonise ngoba ngize ngizithole sengicabanga noSathane wokuthi ngiligudluze endleleni yami.

IMPENDULO:

Phuma nje emcabangweni wokufuna ukubulala umuntu ngoba nakhu ethandana nomuntu omthandayo.

Wena wathandana nomuntu umazi ukuthi unomuntu wakhe, walibala ukuhlalela ethembeni.

Iminyaka emithathu miningi ngokwanele ukuthi ubone ukuthi ayikho le nto oyilindile.

Umbuzo

: Ngicela usize lapha ntokazi. Ngingowesilisa (36) ngishadelwe.

Sinomkami (30) sisanda kuqala lolu cansi lwangemuva emuva kokuba yena ezwe ngabangani.

Ngiluthokozelile kakhulu yize ngangimadolonzima ekuqaleni. Inkinga yami isilapha-ke, indlela aselujwayele ngalo ucansi akasafuni ukuthi ngingene kwinanazi usefuna ngemuva kuphela.

Yize ngikujabulela kodwa phela nami ngifuna ukubuyela kule mbobo esaqala kuyo.

Le nto izoze idale ukuthi ngiqalaze umuntu ofuna ucansi olwejwayelekile yize ngingafuni ukuphinga.

Impendulo

: Kuyaye kushiwo ukuthi ucansi lwangemuva lolu oluchazayo luyaye lubasanganise kakhulu abanye ngobumnandi bangabe besaluthokozela olujwayelekile.

Ukuya ocansini yinto okumele ithokozelwe abantu bobabili abayenzayo hhayi oyedwa kuphela.

Mazise umkakho ukuthi yize ukujabulela ukuya ocansini alufunayo nawe uyadinga ukuthi nibuye nibuyele kulolu olujwayelekile ngoba phela akukhona ukuthi ucansi kumele lujatshulelwe nguye kuphela nawe uyadinga ukuthi ukujabulele enikwenzayo. Ngikufisela inhlanhla.

- Kuphendula uDistance Gumede