UMBUZO: Nginenkinga yomyeni ongadlulwa siketi. Le nto yaqala kancane sisanda kushada kodwa manje ngathi sekudlulele. Njalo uma ngimubamba nomuntu wesifazane uyaxolisa, nami ngizitshele ukuthi uzoshintsha kodwa ngemva kwezinyanga ezimbalwa abuyele emikhubeni yakhe futhi. Ngibona sengathi nempilo yami isisengcupheni ngoba kunabantu besifazane abangaziyo ngenxa yomyeni wami kodwa mina engingabazi. Ngisebunzimeni obukhulu ezandleni zomyeni wami. Uyoke ashintshe kodwa ngelinye ilanga?
Nonhlanhla, eRichards Bay
Impendulo:
Asisihle neze isenzo somyeni wakho. Umshado uyahlonishwa - akwenziwa kanje! Asiphathi uma impilo yakho isizoba ebungozini ngenxa yomuntu omthandayo. Kubalulekile ukuthi azi ukuthi ukungaziphathi kahle kwakhe kufaka wena engozini. Kungumsebenzi womyeni wakho ukukuvikela njengonkosikazi wakhe. Umshado owabantu asebekhulile, nabanezinjongo ezifanayo ngokwempilo. Ukukhula kuchaza ukuthi ngabantu abazaziyo ukuthi bafunani empilweni. Umyeni wakho kumele azi ukuthi kumele ashintshe indlela yokwenza uma ezimisele ngomshado wakhe ngoba akekho umuntu ozomelana nomuntu ongazimisele ngokushintsha.
Umbuzo:
Sekuphele izinyanga singasazani nonkosikazi wami. Inkinga iqala njalo uma singaboni ngaso linye, uvele angangikhulumisi futhi angafuni ngisho ngimthinte ekameleni. Cha bengizitshela ukuthi uzoshintsha ngokuhamba kwesikhathi kodwa izinto ziyazifanela nje. Kwenziwanjani uma kunje?
Mandla, eNkandla
Impendulo:
Kuyenzeka abashadile bangaboni ngaso linye kodwa kuhlalwa phansi kukhulunywe. Anizohlala nivumelana ngaso sonke isikhathi. Okubalulekile yindlela enikhuluma ngayo uma kushayisana imibono. Izinto ziyakhulunywa.
Siyazi ukuthi ngokwakho usukwenze konke okusemandleni akho kodwa umshado uyalwelwa. Qala ngokuthola umuntu enimthembayo nobabili eningahlala naye phansi ukuze nikwazi ukubeka izinhlangothi zenu nobabili ngokukhululeka. Kusobala ukuthi sikhona isizathu esenza unkosikazi wakho aziphathe ngale ndlela. Ukuhlala phansi nomunye umuntu kungenza kube lula ukuthi aphumele obala. Akukho eningeke nikwazi ukukulungisa uma nobabili nizimisele ngokulungisa.
Umbuzo:
Nginenkinga kankosikazi ongangazi nokuthi ngiyini. Ngihlezi ngimtshela ukuthi angithokozile neze ngaye kodwa akalaleli. Bekuyinto abeyenza uma sisodwa kodwa manje usenokungihlaza ngisho naphambi kwabantu. Unokuzithathela izinqumo zezinto zekhaya ngikhona noma ngizwe ezinye izinto emva kwendaba. Kungabe yini ngempela eyenza enze ngale ndlela? Ngizibona ngingelutho njengendoda.
Khumalo, eMsinga
Impendulo:
Isenzo sikankosikazi wakho asisihle neze. Kusobala ukuthi wenza into abesezijwayeze yona ngoba into enjengale iqala kancane agcine umuntu esejwayele ukwenza ngendlela ayithandayo. Yingakho kubalulekile ukukhuluma zisuka nje ukubalekela izinto ezinje. Abanye abantu abashadile kubathatha isikhathi ukujwayela ukuthi sekukhona omunye umuntu empilweni yabo okumele babacabange njalo uma bethatha izinqumo. Ngakho kubalulekile ukwazi isizathu esenza unkosikazi wakho enze ngale ndlela. Usejwayele ukuthi wenza noma yini ayithandayo ngesikhathi athanda ngaso. Sinesiqiniseko sokuthi uma nihlala phansi njengabantu abakhulile nikhuluma, angalibona naye iphutha lakhe ashintshe.
Umbuzo:
Sineminyaka emithathu sindawonye nesithandwa sami esashonelwa unkosikazi ngaphambi kokuhlangana kwethu. Ngiyazi ukuthi wayemthanda unkosikazi wakhe futhi ngiyakuhlonipha kakhulu lokho. Nginakho kodwa ukungakuthokozeli ukuhlale ekhuluma ngaye ngaso sonke isikhathi. Ngivele ngibe nomona kube sengathi inhliziyo yakhe isekuyena namanje. Ngabe nginaso isizathu sokuba nesikhwele?
Igama Ligodliwe, eMorningside
Impendulo:
Abanye abantu kubathatha isikhathi eside ukudlulisa ukushiywa umuntu abebemthanda. Yazi nje ukuthi uyohlale esemicabangweni yakhe ngoba ngumuntu oyayesempilweni yakhe iminyaka. Ngakho kudingeka ukuthi ube nesineke naye. Sinesiqiniseko sokuthi uyakuthanda kakhulu kodwa ukukhuluma ngonkosikazi wakhe mhlawumbe yindlela yakhe yokuzama ukudlulisa ubuhlungu abuzwayo bokushonelwa wunkosikazi. Ngakho kubalulekile ukuthi umazise ngendlela ongathokozi ngayo uma ekuqhathanisa nonkosikazi owashona ngoba ningabantu ababili abangafani. Lokho kuzokwenza ukuthi azibheke njalo uma ekhuluma.