Umbuzo: Bengizifela ngesoka lami ngaphambi kokuthi lingijikele emva kokuthola ukuthi ngikhulelwe. Ngiqala ukulitshela lajabula kakhulu ngazitshela ukuthi liyazijabulisa lezi zindaba kanti angibuzanga elangeni.
Emva kwamasonto ambalwa wangishintshela umuntu, kwaba sengathi akuyena lo engimaziyo. Manje akafune lutho olumhlanganisa nokukhulelwa kwami. Angazi ngempela ukuthi ngenzenjani ngoba bengizitshela ukuthi ngibusiswe ngendoda eqotho. Kuyacaca ukuthi ubezenzisa ngoba ngimbona ezinkundleni zokuxhumana nabanye abantu besifazane okwenza ukuthi ngibone ukuthi akakaze angithande.
Ngenzenjani ukuze ngikhohlwe yikho konke engidlule kuko?
Igama ligodliwe
Impendulo:
Kuyacaca ukuthi isoka lakho emva kokuhlala licabange libonile ukuthi awudlali ngokukhulelwa futhi kwacaca ukuthi impilo ayisoze yafana uma sekufike umntwana emhlabeni okuyiqiniso elimsulwa.
Kujwayelekile ukuthi abanye abantu basisabe kakhulu lesi sigaba sempilo ikakhulukazi uma umuntu engazilungiselelanga.Noma kunjalo kodwa ukufika komntwana emhlabeni kuyisibusiso esikhulu okungamele isoka lakho lisibalekele. Kuyacaca ukuthi belingazimisele ngawe manje libona indaba yengane ngengento ezolibopha.
Awumfuni-ke umuntu onjalo empilweni. Sibona kungaba kuhle umnike elinye ithuba lokuthola ukuthi yini ngempela emenza ahambele kude. Uma eqhubeka nokungafuni ukuba yingxenye yempilo yomntwana akukho ongakwenza ngaphandle kokuqhubeka nempilo yakho.Umntwana wakho uyakudinga musa ukuzixaka ngesoka lakho. Liyobuya uma lifuna ukuba nobudlelwane nomntwana wenu.
Umbuzo:
Nginenkinga kankosikazi ovala ucingo lwakhe njalo uma siyolala. Ngiqale ngayiziba le nto ngizitshela ukuthi yimina nje onenkinga kodwa iyaqhubeka le nto yakhe futhi isiqala ukungidina. Ngesonto eledlule ngithe ake ngimbuze wathi yingoba unabangani abakuWhatsApp abathanda ukumthinta ebusuku ngakho usuke ebalekela bona uma evala ucingo.
Angisizwa nhlobo lesi sizathu sakhe. Ngithe uma ngiqala ngivala olwami ucingo ebusuku wangakuthanda lokho. Yini ngempela inkinga yakhe?
Sakhile, Melmoth
Impendulo:
Kuyenzeka kwesinye isikhathi abantu babe namaqembu abayingxenye yawo kuWhatsApp okungenzeka ngempela ukuthi unkosikazi wakho uqinisile ngakushoyo.
Uma kungukuthi awumethembi kuhle ucele ukubona le nto akutshela ngayo ukuze uzidelise.
Kubalulekile ukuthembana emshadweni ngoba uma ningathembani nizogcina nenza ngale ndlela enenza ngayo manje. Akuyona indlela yokuphilisana leyo.
Hlala phansi nonkosikazi umazise ukuthi awuyithandi le nto. Mhlawumbe angazama ukwenza ngenye indlela ezokwenza ungamsoli njengokushiya la maqembu kaWhatsApp noma nivumelane ngokuthi anizoziletha izingcingo ekamelweni.
Umbuzo:
Ngiyindoda eshadile, unkosikazi wami wangicela ukuthi ngimphindisele esikoleni emva kokushada nami ngangayibona inkinga ngoba ngingathandi ukuthi athi impilo yakhe ime emva kokushada nami. Savumelana ngokungabatholi abantwana aze aqede izifundo zakhe.
Useqedile manje ukufunda kodwa ayikho into esiyenzayo ngaphandle kokuxabana. Sengize ngamtshela ukuthi akangitshele uma engasafuni ukuba sempilweni yami ngoba angazi ukuthi inkinga yakhe ikuphi.
Zintathu izinyanga eqede esikole. Bengizothi mhlawumbe ucikwa ukungawutholi umsebenzi.
Angiyena umuntu okholelwa ekuhlukaniseni kodwa angisakwazi ukumela lesi simo engiphila kuso.
Teddy, eThekwini
Impendulo:
Kwezinye izikhathi kuyenzeka ukuthi emva kokufunda omunye azibone engcono kunomunye kwabashadile. Ingoba yena impilo usuke eseyibona ngenye indlela bese ezibona engcono. Kunokuthi le ndlela entsha ayihambe nesithandwa sakhe ubona kungcono ayihambe yedwa noma ayoqala impilo nomuntu omusha abona sengathi usefanelene naye.
Kuyinto eyingozi kakhulu esike yachitha imizi eminingi uma abantu benganakile.
Kuhle ngempela ukuthi angamvumeli lo Sathane ukuthi angene phakathi kwenu. Ulwele umshado wakho ngokuthi umazise unkosikazi wakho ukuthi ukungawutholi umsebenzi akushintshi lutho phakathi kwenu. Kubalulekile futhi nokuthi nizame ukwenza izinto ezimnandi njengabantu abathandanayo ukuze unkosikazi angaboni sengathi kuyabhora emshadweni. Khumbula ukuthi nanizokhuluma ngabantwana eseqede ukufunda. Ake niyikhulume leyo futhi ukubona ukuthi nisemqondo munye yini. Kungenzeka ukuthi unkosikazi udinga into ezomgcina ematasa emva kokuqeda isikole futhi esalindele nokuthola umsebenzi.