Kule ngosi umbhali wezocansi nezothando kwiSolezwe ngoMgqibelo uDistance Gumede uphendula imibuzo ethunyelwe abafundi ethinta ezothando.
Umbuzo
: Ngingowesifazane osemncane ngilotsholiwe kodwa manje angisamthandi lo muntu ongilobolile. Eqinisweni nje sekukhona omunye esengijola naye futhi naye ongithembisa ukungilobola. Ngiyamthanda kakhulu kanti futhi nasembhedeni uyangenelisa. Manje izinhliziyo zami zimbili enye ithi angimale lo osengilobolile ngiqhubeke nalona omusha, iyodwa into engikhathazayo kulona omusha ukuthi unentombi engimfice vele ethandana nayo wangithembisa ukuthi bazohlukana kodwa kuze kube imanje abahlukani uthi angiqale ngale umyeni wami kuqala. Ngiyamthanda ngizimisele ukwenza noma yini ukuze ajabule, ngicela ungibonise ngenzenjani ngale nto?
Impendulo
: Ngizwa ngifikelwa ukudabuka ngane yakwethu ngendlela odidiseke ngayo. Ungaze impela ukhethe ukushiya umuntu osekulobolile ngenxa yomuntu othi uyakuthanda futhi onentombi yakhe? Hhayi bo! Ungalokothi uyenze leyo nto ngoba uzozisola kusasa, uzomyeka umyeni wakho ngiyavuma kodwa ke awunaso isiqiniseko sokuthi yena uzoyiyeka yini intombi yakhe. Uma engasayiyeki uzokwenza njani? Ungavumeli injabulo yocansi ikuvale amehlo. Ikusasa lakho lilele kumyeni wakho. Ngabe kungcono ukube lo omusha akanantombi. Ukube uyakuthanda ngempela ngabe kade ahlukana nentombi yakhe.
Umbuzo:
Ngabe kujwayelekile yini ukuthi owesifazane ozithwele agcine esaliswa indoda yakhe? Ngibuza ngoba lo mama ukhulelwe kodwa hhayi bakithi akangifuni nalapho nginyathele khona. Selokhu ngagcina ukumthinta enezinyanga ezine njengoba manje seziwu-8, ngikhathazekile ngaye ngoba ucansi angisalwazi nokungadala ukuthi agcine esehlinzwa kwazise indlela yokudlula ingane ayivulwa umuntu.
Nngabe into eyenzekayo lena kubantu besifazane okanye ilona wami onenkinga?
Impendulo
: Uma owesifazane ekhulelwe kuyenzeka athandiswe okanye aliswe, yize kungenzeki kubona bonke abesifazane. Lokhu kudalwa yizinguquko emzimbeni wakhe nama-hormone. Kungenzeka ukuthi nalona wakho uyakwaliswa futhi akukho ukwenza ngokunye ngaphandle kokuthi umlinde aze abelethe. Ukhululeke usenziwa isisu uzothi angabeletha ingqondo ibuye bese isimo sibuyela kwesejwayelekile. Ungazikhathazi ngendaba yendlela nokuphuma kwengane, konke kuyokwenzeka ngendlela efanele odokotela bayawazi umsebenzi wabo, wena okwakho ukweseka umuntu wakho njengoba ekhulelwe umnike uthando noma yena engakufuni. Bekezela sekuzolunga.
Umbuzo
: Ngisenkingeni yangempela MaGumede. Ngo-2009 ngakhulelisa owesifazane engangijola naye kepha isisu saphuphuma. Ngavuma konke kumkami ngashintsha ezindleleni zami ngaba indoda eqotho. Intokazi le yaze yayogezwa ekhaya nokuyilapho umkami ayibona khona. Abaphindanga babonana. Inkinga ekupheleni konyaka odlule kungene omakhelwane abasha eceleni kwakwami. Mameshane! Yiyo kanye le ntokazi engayikhulelisa. Ithi yayingazi ukuthi ngihlala la. Manje unkosikazi usethi asithuthe lapho uyazi ngicwile ezikweletini angikwazi ukunyakaza lapha ngenzenjani?
Impendulo
: Cha udlala ngawe umkakho uma azi ukuthi nisezikweletini ngoba phela ukuthutha kuso ukuthenga umuzi omusha. Yona yimbi le nto yokuphinga ngoba idala izinkinga ezifana nalezi. Kuqinisa idolo nokho ukuzwa ukuthi wasithola isifundo ekujoleni kwakho. Mina ngingathi zama ukumchazela umkakho ukuthi kunzima kwezezimali njengamanje ukuthi nithenge umuzi omusha. Okwesibili nje uyobalekela le ntombi kuze kube yinini? Uma kungenzeka ithola umsebenzi la esebenza khona uyokwesula emsebenzini?
Umbuzo
: Nginenkinga kamama wezingane zami ohlezi efona ebusuku athuke umkami efihle inombolo.
Ngelinye ilanga phakathi kwamabili ngathi ngiphumela emnyango kushisa ngiyozibhemela ngabona imoto yakhe ipake phesheya kwakwami icishwe amalambu. Yavele yabaleka emuva kokungibona. Ngeledlule umakhelwane umbhadame epequlula emgqonyeni wezibi. Okubuhlungu umkami sewake webelwa amaphenti akhe nobhodisi ocingweni. Sengisola yena manje umama wezingane. Ngenzenjani?
Impendulo
: Kuzokusiza ukuthi ubumele ubudoda bakho. Ngingakunxusa ukuthi uhambe uyomceba emndenini wakhe uthumele ithimba lomalume liyokhuluma nabakubo kucace ukuthi awulwi kodwa awukuthandi akwenzayo.
Uma iqhubeka lento usungafaka abomthetho uye enkantolo uyothola isivimbelo. Uma eqhubeka usisi nokukuhlukumeza kuyobe kusho ukuthi uyighlongandlebe eliyojeziswa umthetho ngokuwuphula.