Izindaba

EZOTHANDO: Ngashada ngenqubo yesonto, umyeni wami akangigculisi

MO & PHINDI|Published

UMBUZO: Ngishade ngo-2015 nomyeni wami ngenqubo yasesontweni yokuthi akujolwa futhi asibonani size sishade. Iqiniso lithi angazi ngaluthwa yini kulo muntu. Akasiyo nhlobo le nto engangiyifisa empilweni yami. Akanakho nokukodwa nje okungijabulisayo.

Lokhu ngaqala ukukuzwa ezinsukwini ezimbalwa nje sishadile, ngabekezela ngoba ngithi mhlambe asikazani kahle. Kodwa kuyangicacela manje ukuthi akusilo ubambo lwami lolu, ngehluleka ngisho ukuzenzisa. Manje useGoli ngokusebenza, uma efikile ngifisa ngabe usehambile. Okubi nje sesinomntwana. Ngifisa ngisho ukuduka nezwe kunokuba kulo mshado kodwa uma ngicabanga ngomntwana wethu ngivele ngihlale. Ngicela ningisize.

Igama ligodliwe, eThekwini

IMPENDULO:

Uma ushada nomuntu, noma ngabe kungaluphi uhlelo, nishada nobabili senikhulile, ninesipiliyoni sempilo ngokwehlukile. Abekho ababili abashada bese bayanamathelana ngokushesha. Kuthatha isikhathi ukunamathela koshade naye.

Akekho noyedwa oshadile, oshade ubambo lwakhe. Sonke njengabashadile sifunda ukunamathela omunye komunye nsuku zonke.

Uthando akuyona imizwa kodwa ukuthatha isinqumo nsuku zonke ukuthi uzozinikela ngenhliziyo yakho yonke kulo omganile.

Bheka ukuthi yini ngempela ongayithandi ngomyeni wakho, bese nihlala phansi nikhulume. Siqinisekile ukuthi kukhona naye angakuthandi ngawe, ngoba sonke njengabantu asimsulwa.

Ukuhlala nomuntu nithandane nize nihlukaniswe ukufa isinqumo ozithathela sona wena wedwa kuqala. Uthatha lesi sinqumo wethembise ukuthi uzomthanda lo oshade naye ngaphandle kokunaka amaphutha akhe. Usuke unquma ukuthi ubudlelwano benu bomshado buyobuswa yintethelelo, ukuthula nokwethembana. Ukuthanda umuntu akuzenzekeli, kuyasetshenzwa.

UMBUZO:

Sesineminyaka cishe ewu-9 sashada. Ngagana indoda emadodeni, sabusiswa nangezingane ezimbili. Akakaze angihluphe ngalutho. Uyena kuphela osebenzayo, njengoba savumelana ukuthi mina nginakekele izingane nomuzi wethu. Wenza konke engicabanga ukuthi kufanele kwenziwe yindoda.

Inkinga nje ukuthi nginesizungu emshadweni wami. Ngazinikela kuye nakulo mshado ngale ndlela yokuthi yonke impilo yami ingomyeni nabantwana bami. Anginampilo ngaphandle kwabo. Akukho engingakwenzi ukujabulisa wonke umuntu la ekhaya. Kodwa mina angisenawo awami amaphupho, futhi loku kungiphatha kabi. Ngicela ningisize.

Londiwe, eThekwini

IMPENDULO:

Akuve kulula ukuzibona usugwinywe umshado unganakile. Loku kwenzeka kakhulu kubantu besifazane ngoba bangabantu abazinikelayo sidalo. Kuyinto enhle ukuthi uyayibona le nkinga kusemanje.

Kufanele uzinikele umshadweni wakho ngokuphelele kodwa ungazikhohlwa phela nawe. Qala ngokuthi kube nelanga nje elilodwa lakho esontweni lapho wenza khona noma yini oyithandayo eqondene nawe. Kungaba ukuyozivocavoca noma ukuya ekhaya kini uyobonana nabakini owaziyo ukuthi bayakuthanda. Zijwayeze ukuba nesikhathi esithi wena. Uma wawunabangani ngaphambi kokushada qala uvuselele lobo bungani. Kuyingozi enkulu ukulahlekelwa impilo yakho usesemshadweni ngezinhloso zokujabulisa umyeni wakho.

Hlala phansi uvuselele konke okwakuyiphupho lakho. Kungaba ukuqhubeka nezifundo, ukuqala ibhizinisi noma ukubuyela emsebenzini nje. Cabangisisa nokuthi, njengoba ungasasebenzi nje, wawuyingxenye engakanani ekuthatheni leso sinqumo? Hlala phansi nomyeni wakho umtshele inkinga obhekene nayo.

UMBUZO:

Ngineminyaka ewu-38, ngiganwe unkosikazi ona-27 weminyaka. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule uqale ukusabisa ngokushiya phansi umshado wethu ngenxa yobudoda bami obungasenamandla. Akukho engingakwenzi ekhaya njengendoda, inkinga yinye nje kuphela, ile yobudoda bami. Sengiyizame yonke imishanguzo nezimbiza ezivusa umlilo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kwala ngisho sengimthengela imoto kanokusho ukuzama ukumehlisa umoya kodwa lutho akulungi. Umshado wami usengcupheni. Ngenzenjani?

IMPENDULO:

Siyazwelana nawe mfowethu. Akulona iphutha lakho ngempela kodwa kumele umzwele noma kunjalo unkosikazi wakho. Kuthatha umuntu oqotho ukuhlala emshadweni ongenalo ucansi, okanye omunye engagculisekile khona ngokocansi. Kona kuyahlaleka, akuyona into engaze inenze nehlukane. Okubalulekile ukuthi nifunde nibe nezinye izindlela zokuzijabulisa.

Xhumana nathi ku:

Facebook: Mo&Phindi

Insta: Mo_Phindi

Email: [email protected]