UCWANINGO olushicilelwe ongoti abahlaziya kabanzi izinto ezithinta ucansi, iThe Journal of Sexual Medicine, seluveze ukuthi abesifazane balujabulela kakhulu ucansi uma ‘bebanjwe’ yinsangu.
Lolu cwaningo olwenziwe yiStanford University belubheka ukuthi kuba nomthelela ongakakani ukusebenzisa insangu ngaphambi kokuya ocansini kubantu besifazane.
Abacwaningi bathole ukuthi u-68% wabantu besifazane abasebenzisa insangu ngaphambi kocansi balujabulela kakhulu.
Kolunye ucwaningo olwenziwe kuyo le nyuvesi, kuvele ukuthi insangu inyusa ugqozi lokuya ocansini.
Abacwaningi benze inhlolovo ngabantu besifazane abawu 28 176 nabesilisa abawu 22 943 (iningi elineminyaka ewu-29). Kutholakale ukuthi abasebenzisa insangu baya ocansini kakhulu ngo-20% uma beqhathaniswa nalabo abangayisebenzisi.
Kuthiwa insangu iyabasiza futhi abesifazane abangavamile ukufinyelela kuvutho ndaba ocansini. Udokotela uDkt Mitch Earlywine uthe insangu ithinta indawo ebizwa ngeCB1 engqondweni yomuntu, bese inyusa izinga lemizwa nokuzizwa ujabule.