EZOTHANDO
UMBUZO: Umyeni wami udlule emhlabeni ngonyaka odlule wangishiya nabantwana ababili. Ngisanda kuthola ukuthi ubenomunye umntwana ngaphandle ayengifihlele yena. Angazi ngempela ukuthi kumele ngenzenjani ngale ndaba. Uma ngiyicabanga ivele ingicasule kakhulu ngoba angikaze ngizitshele ukuthi wayengenza into enje. Ngivele ngifikelwe oukucasuka uma ngicabanga ngabantwana bami osekumele ngiphazamise impilo yabo ngibazise ukuthi banomfowabo abebengamazi yonke le minyaka.
Ngabe ngenza iphutha uma ngivele ngizivalela umlomo wami ngingatsheli muntu ngale ngane yomyeni wami yangaphandle?
Igama ligodliwe
Impendulo:
Siyazwelana nawe kodwa ngeke kukusize ukuyifihla le ndaba ngoba iyogcina ivelile. Abantwana bakho bayosola wena ngoba bayothola ukuthi ubuyazi indaba sonke lesi sikhathi. . Kuhle ukuthi abantwana bakho bakhule bazana nowakubo. Sibona kungcono uhlanganise imindeni uyazise ukuze nabo bazi ukuthi umyeni wakho ushiye umntwana obungamazi. Ngokuhamba kwesikhathi wazise nabantwana bakho ukuze bakhule bazana nomntwana wakubo. Angangahlala nani kodwa anganivakashela ngamaholide ukuze abantwana bakhule bazana ukuthi bangabandawonye.
Umbuzo:
Nginenkinga kankosikazi ohleze ebalisa ngayo yonke into. Ayikho into ehamba kahle emehlweni akhe. Uma engabalisi ngomsebenzi wakhe, ubalisa ngezinto esinazo noma esingenazo emshadweni wethu. Akukho nje akubona kuhamba kahle ngomshado wethu ngokubona kwakhe. Uhleze esiqhathanisa nabanye abantu okuyinto esiqala ukungikhathaza ngoba ubengenjena sisanda kushada.
Besiziphilela kamnandi yonke le minyaka, yintsha le nto yakhe. Besingakhathazwa nhlobo yizinto ezenzeka ngaphandle. Manje angisazi ukuthi sekushintshephi. Akusemnandi nhlobo emshadweni wethu ngenxa yalokhu. Ngenzenjani ukuze isimo sibuyele endleleni esasiyiyo ekuqaleni?
Mondli, eNewlands
Impendulo:
Kuyenzeka empilweni ufikelwe isikhathi lapho ubona sengathi kukhona okushodayo empilweni yakho. Esikhathini esiningi kwenzeka uma usufinyelele kuzo zonke izinto obuzibekele zona empilweni lapho usuke usudinga izinselelo ezintsha empilweni. Kuhle ukuthi nike nibhekisise amaphupho enu njengomndeni ke nibuke ukuthi nikuphi ngempela.
Ngabe senifikile ezintweni enanizibekele zona njengomndeni? Uma kwenzeka ukuthi senifikile, zinikeni inselelo entsha. Kusobala ukuthi unkosikazi wakho udinga enye inselelo, into ezomenza ukuthi uma evuka ekuseni asebenzele phezu kwayo. Vuselelani izinto enanikade nizifisa, nisebenzele phezu kwazo ukuze ningabi nesikhathi sokubheka ukuthi kwenziwani kweminye imizi.
Umbuzo:
Umyeni wami ulahlekelwe umsebenzi ezinyangeni eziyisithupha ezedlule. Wathola yonke imali yakhe emsebenzini kodwa wayihlaphaza yonke wangakhokhela nesisodwa isikweletu sakhe noma esiqondene nekhaya lethu. Manje akanawo ngisho uzuka lo.
Usecela kimina imali ekubeni imina manje osebhekene nazo zonke izidingo zasendlini kanti nami angisebenzi into etheni. Ngiyabazi ubunzima bokuzama ukuthola omunye umsebenzi ungawutholi kodwa nami sengiyasindwa manje ukuthwala ikhaya ngingedwa. Izinto azisafani ngempela phakathi kwethu. Sesihleze sixabanela imali into ebingakaze ibe yinkinga phakathi kwethu. Ngiyamthanda kakhulu umyeni wami kodwa ngifuna ukwazi ukuthi ngimbekezelela kanjani umuntu olahlekelwe umsebenzi ikakhulukazi umuntu owasaphaza yonke imali kodwa manje usefuna mina ngithwale ikhaya. Siyokwazi kodwa ukudlula kulesi simo ngelinye ilanga?
Joyce, eThekwini
Impendulo:
Siyazwelana nawe sisi. Ukulahlekelwa umsebenzi kunzima kakhulu kulezi zinsuku ngoba umsebenzi awusatholakali kalula. Umyeni wakho wenza elikhulu iphutha ngokuthi uma eseyitholile imali angasizi ngezinto zasekhaya ngoba ngabe umthwalo wakho uthe ukuba lula ngoba kukhona izikweletu asezivalile emva kokuthola imali. Kuhle umyeni wakho ake abheke ezinye izindlela zokwenza imali ngaphandle kokuqashwa. Iziphi izinto azithandayo noma aphiwe kuzona? Akazame ukwenza imali ngalezo zinto ukuze akwazi ukukubambisa ekhaya. Kunabantu abalahlekelwa umsebenzi kodwa manje sebengabaqashi babanye abantu. Kuningi angakwenza esalindele ukuqashwa.
Akukho ongakwenza ngaphandle kokumeseka umyeni wakho. Amukho omunye ongakwenza loku ngaphandle kwakho.
Yebo kunzima ukuthwala ikhaya uwedwa kodwa emshadweni wafungela ukuthi uyoba naye kukuhle noma kukubi. Manje ususesimeni lapho ekumele uzimele izifungo zakho. Sinifisela inhlanhla!