ASIWUNYAKAZISI nakancane umbono wamaNazaretha aseBuhleni isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi iNkosi Vela “Imisebeyelanga” Shembe (engasekho) iyona engumholi waleli bandla osemthethweni.
AbaseBuhleni bathi bamukela iNkosi Mduduzi “uNyazilwezulu” Shembe njengomholi wabo.
Ibandla lithi emva kweminyaka engu-10 ligqigqa ezinkantolo ngaleli cala, selithi khumu kwezamacala, zivaliwe manje.
Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba esibizwe abaseBuhleni ehhotela, iCoastlands, eMhlanga izolo ekuseni ebesizimaziswe amakhosi, abefundisi nabavangeli.
“INkosi uNyazilwezulu thina njengebandla siyithatha njengomholi wethu. Siyithatha njengoShembe, okuyigama lalo moya oyingcwele esiwulandelayo esithi uwuNkulunkulu,” kusho umeluleki wethimba labameli boNyazi, uMnuz Lizwi Ncwane.
UNcwane uthe bazi uNyazi kuphela njengomholi wabo futhi nguyena abazomlandela ngoba kukhona abakubonayo kuyena.
UNcwane uthe ngo-Ephreli 30, 2018 isigungu esiphezulu sebandla lamaNazaretha, eBuhleni, sahlangana sathatha isisombululo nesinqumo esithi ibandla lamukela umthetho webandla oyiTrust Deed obizwa ngokuthi yiProtocol 293 wango-1935.
Bawushaya indiva umthethosisikelo waleli bandla wango-1999 obalula nokuthi umholi uqokwa kanjani.
Okunye okuvezwe nguNcwane ukuthi umshophi wokudlula emhlabeni kweNkosi uVela Shembe kwanqinda lesi sigungu amandla okwenza umsebenzi waso esawuqokelwa.
Uthe ayibanga khona imicimbi eyingcwele, ehloniphekile neyenkolo eyaye yenziwe kulowo okusuke sekubonakele ukuthi nguyena umholi.
UNcwane uthe ukukhothama kweNkosi uVela kwenza wangakwazi ukuhlala esihlalweni sobuholi.
“Isigungu sasebenzisa isigaba sesishiyagalombili somthetho wobabamkhulu lapho khona sakhetha khona uNyazilwezulu ukuthi engamele iTrust yedwa aphinde abe wumholi webandla eBuhleni. NgoMeyi 5, 2018 uNyazi lakwemukela ukuqokwa kwalo kwakhishwa nesitifiketi ngokwesigaba seshumi somthetho wobabamkhulu,” kusho uNcwane.
Uthe lokhu kuqokwa koNyazi kwalandelwa yimikhosi eyingcwele nehloniphekile yebandla lamaNazaretha
Phakathi kwayo kukhona umcimbi wokugcotshwa kwenkosi eGospel, okwenzeka ngoMeyi 2018. Uthe lokhu kwakuhambisana ncamashi nokuthi amaNazaretha aseBuhleni akholelwa yini, abonani ngokwenkolo.
Uthe bayasamukela futhi bayasihlonipha isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo kodwa akukho okuzoshintsha eBuhleni, izinto zizoqhubeka njengokujwayelekile.
UNcwane ube esenxusa amaNazaretha aseBuhleni ukuthi akhumbule imfundiso yobuNazaretha nenhlonipho.
“Uma kukhona obachukuluzayo, obahlukumezayo nobasabisayo, sicela ukuthi babike emaphoyiseni, ezinduneni noma emakhosini asendlunkulu. Abangahlali emhlabeni wamakhosi, babikele ikhansela noma amaphoyisa. Siyakuchitha, asikukhuthazi ukuthi kuphuthunyiswe ukuzivikela kubhebhethekiswe ukungaboni ngaso linye nokuklwebhana,” kusho uNcwane.
AbaseBuhleni bathi babengazi nokuthi kukhona ibandla okuthiwa yiseThembezinhle, baqala ukuzwa ngalo ngo-2012 sekunombango wokukhuphukela entabeni engcwele, iNhlangakazi. Ngokwabo, bazi ukuthi eThembezinhle kwakuwumuzi weNkosi uThingo.