NAMHLANJE sethulela abafundi bale ngosi iqembu lezepolitiki, i-Economic Freedom Fighters (EFF) KwaZulu-Natal.
Leli qembu elifike nesikhulu isivuthevuthe kulo mkhakha wezepolitiki, lineminyaka eyisithupha nje kuphela lasungulwa.
Lisungulwe ngumholi walo kuzwelonke uMnuz Julius Malema ohlubuke enhlanganwneni ebusayo i-ANC, lapho kade engumengameli wophiko lwentsha lale nhlangano.
Ngokujwayelekile, amaqembu asanda kusungulwa bekungatshazwa ukuthi kukhona abengakwenza kwizimbangi zawo kwezepolitiki.
Umfutho leli qembu eliqale ngawo, lishiye abaningi bedidekile ukuthi lenza kanjani ukuthi lizigcine lisekhona, kwazise libuye lithathwe njengeqembu eliholwa yizixhwanguxhwangu.
Emva kokusungulwa kwayo ngo-2013, i-EFF kube sengathi kuyizela kahle KwaZulu-Natal njengoba okhethweni lukazwelonke olwalungo-2014, yathola amavoti angu-1.85%, okuyisilinganiso samavoti angu-70 823.
Phezu kokuthi leli qembu lakwazi ukuthola izihlalo ezimbili esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, izinselelo eziningi ezijwayele ukuba khona ezithinta cishe wonke amaqembu ezepolitiki asanda kusungulwa, nazo zalinamathela leli qembu kulesi sifundazwe.
Ingcindezi yokungaboni ngasolinye kobuholi bakulesi sifundazwe, kuholele ekutheni ubuholi obuphezulu buthathe isinqumo sokulihlakaza leli qembu KwaZulu-Natal ngo-2016.
Imizamo yokwakha kabusha le nhlangano ize yacaca ngo-Okthoba ngonyaka odlule lapho kade inengqungquthela yayo ebizwa nge-Peoples’Assembly eMgungundlovu.
Yikule ngqungquthela lapho kucace khona ukuthi kunenhlansi yethemba yokuzakha kabusha kwaleli qembu kulesi sifundazwe.
Lokhu kubonakale ngokuthi imikhandlu yabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme, kube wuphiko olungaphansi kwe-EFF elibizwa ngeStudent Command okuyilo oludle umhlanganiso ezikhungweni eziningi zemfundo ephakeme kulesi sifundazwe, ibhincisela nxanye iSouth African Student Congress (SASCO) engaphansi kobuholi be-ANC okuyiyo ebivamise ukushaya amaphiko kulezi zikhungo.
Phezu kwalokho izinselelo aziyekanga ukulandela leli qembu ngoba kube nolunye uhlangothi lwayo olungazange lwaneliseke ngomphumela wokhetho owakhishwa yingqungquthela iPeoples’Assembly. Abangenelisekile balubhekisa enkantolo udaba lokukhononda kwabo.
Nakuba ngokusho kukaKhoza icala ligcine libagojele abamangali, leli qembu ngeke lisonge izandla lijatshuliswe yilokho, lizoqhubeka nokusebenzela abantu, ikhulukazi abamnyama okuyibona abaningi futhi abampofu.
Emva kwengqungquthela eyayiseMgungundlovu nyakenye, leli qembu laphakamisa ukuthi lifuna ukuthi kuqambe kufika ukhetho lwango-2019 olungoMeyi 8, libe selimi ngomumo kuzo zonke izifunda zalo ezingu-11 KwaZulu-Natal.
Kuzokhumbuleka ukuthi ekupheleni konyaka odlule kwake kwasabalala imibiko ethi leli qembu lidedele uMnuz Sipho Mbatha ukuthi azolivusa kulesi sifundazwe.
Kwaphinde kwezwakala ngokuhamba kwesikhathi ukuthi uMbatha ongowokudabuka KwaZulu-Natal, waxoshwa kuleli qembu ePhalamende likazwelonke, hhayi ukuthi ukubuyela kwakhe kulesi sifundazwe kwakuwukuzovusa leli qembu.
Ngokomhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu, nakuba i-EFF ikhombisile ukuthi izimisele ngokuthi ithole amavoti kulesi sifundazwe emva kwezinxushunxushu eke yahlangabezana nazo, akulula ukuthi ibhincisele nxanye amaqembu ewafice vele ekhona njenge-ANC ne-IFP.
“Yona ikhombise ukukhula njengoba sibona kwezinye izikhungo zemfundo ephakeme kuyiyona ephethe emikhandlwini wabafundi,” kusho uMngomezulu.
Uthe enye yezinto ezivimbela leli qembu ukuthi lizakhele ugazi kubavoti kulesi sifundazwe, yingoba abantu abadala abezwani nendlela abaholi balo abaziphatha ngayo.
Ubale indlela ehambisana nobuxhwanguxhwangu abaholi baleli qembu abaziphatha ngayo, athe yiyo exosha abantu abadala kuleli qembu kulesi sifundazwe.
“Uma abaholi bayo bangaba nenhlonipho, amathuba abo angaba mahle lapha KwaZulu-Natal,” kugcizelela uMngomezulu.
NgokukaMngomezulu, yintsha eningi kuphela abazoyizuza kulesi sifundazwe.
Mayelana nokuthi leli qembu nakulesi sifundazwe awukho umasipala eliwuphethe, uthe nangemuva khetho lwango Meyi 8, kuzokuba yinto efanayo.
“Kona kuyagcwala ezinkundleni uma libize ama-rally. Kodwa lizoqhubeka ngokuthi libe yiqembu elenza umehluko ngokuthi lisebenzisane nelithile ukuze kulingane isibalo esisuke sidingwa yiqembu elithile,” kuchaza uMngomezulu.
Njengawo wonke amqembu ezepolitiki angenele ukhetho, i-EFF ithembisa lokhu okulandelayo kumqulu owumhlahlandlela wayo wokhetho:
Izosabalalisa izimayini zibe ngaphansi kukahulumeni ukuze kuhlomule izingane zesikole nokuthuthukisa osomabhizinisi abamnyama ngo-2023.
Bonke abantu abasha abaneziqu bazothola imisebenzi.
Bonke abantu bakuleli bazoba namanzi ashisayo emakhaya abo ngo-2024, iphinde iqede amathoyilethi emigodi.
Izokwehlisa iVAT isuke ku-15% ibe ngu-14% .
Izoqeda izikweletu ezikweletwa * -Eskom, okusho ukuthi bonke omasipala abakweleta le nkampani kagesi, ngeke besazikhokha izimali abazikweleta * -Eskom.
Umhlaba izowaba ngendlela ehambisana neningi labantu abahlala ezweni, bese kuthi abesifazane nezingane, bona bathole * -50% womhlaba.
Izokulwa nenkohlakalo kuhulumeni nokunye okuningi okuphambene nokulunga.
I-EFF KwaZulu-Natal ifolosa ngoMnuz Vusi Khoza ongusihlalo wayo, kube uMnuz Vukani Ndlovu iPhini lakhe. Inezihlalo ezimbili esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. Inamalungu angu-98 000 KwaZulu-Natal.
“Okuseqhulwini ukuthi i-EFF itholakale ezifundeni ezingu-11 KwaZulu-Natal. Bese siqala ukulungiselela ukhetho lwango-2019 ukuze sikwazi ukwenza amalungiselelo okhetho,” kusho uKhoza esanda kukhethwa nyakenye.
Awukho umasipala leli qembu eliwuphethe, kodwa lisebenza ngendlela yokuthi kube yilo elingagcwalisela lapho iqembu elithile lingawinanga ngokuphelele khona ukuze kufezeke okuthile okuzokwenza lowo masipala usebenze ngokuphelele.
I-EFF ingelinye lamaqembu elisiconsela amathe lesi sifundazwe ukuze ikhiphe i-ANC esibusayo.
IPhini likaMengameli we-EFF uMuz Floyd Shivambu, nyakenye wathi:
“Inhloso yethu enkulu ukuthi sinqobe, uma sihluleka silale isibili emva kokhetho. Uma sihluleka ukuphatha iKwaZulu-Natal, kumele sibe yiqembu eliphikisayo elikhulu.”
NgoMeyi 2016 kwasuka esinamathambo phakathi kwabalandeli be-ANC ne-EFF eSikhaleni. U-2016 kwakuwunyaka wokhetho lohulumeni basekhaya.
Kwabakhona ukudubula, kwantaza namantshe, kwathukwana phakathi kwamalungu e-ANC ne-EFF. Akuqondakalanga ukuthi ukudubula kwakuqhumuka kuphi kodwa kwaboshwa oyedwa owayegqoke isikibha se-ANC, kwathathwa nesibhamu sakhe. Kwakukhona umholi we-EFF uMnuz Julius Malema.
“Laba bantu bayizinja, bayasikhonkotha ngenxa yokuthi bayabona ukuthi asihlehli, “ kwakusho uMalema emva kwesigameko sokudubula. I-EFF ithumele amagama abantu abangu-80 kwi-IEC efisa bayoyimela kwisiShayamthetho saKwaZulu-Natal emva kokhetho.
Abayishumi efolosa ngabo kwisiShayamthetho, phezulu * -Abednigo Vusumuzi Khoza alandelwe nguPrecious Pearl Harricks, Mongezi Webeloved Twala, Nomvomvo Letticia Mpayipheli, Linda Godfrey Seja, Gugu Flora Mtshali, Sfiso Henry Mthethwa, Nomvuyelelo Dlamini, Thulani Derrick Ndlovu, noKhethiwe Mildred Muthwa.