Isakhiwo sesikhungo esisetshenziswa isibhedlela iNorthdale, ukwelapha abantu abangakwazi ukuqhubeka nokuyodlela emakhaya amaphilisi nemithi
Image: Sithunyelwe
ZIYANDA izikhalo ngesibhedlela esisanda kuba sematheni ngokuphekela iziguli emlilweni obaswe ngamaphepha namapulangwe anopende, iNorthdale.
Lokhu kulandela ukuqubuka kwezikhalo ngesikhungo esisetshenziswa iNorthdale ukwelapha iziguli ezingenabani esiseHowick, eMgungundlovu.
Kukhalwa ngokuthi lesi sakhiwo asinakiwe ngalendlela yokuthi umuntu odlula ngendlela angazitshela ukuthi yisakhiwo esingasasebenzi.
Iziguli ezithunyelwa kulesi sikhungo ilezo ezingakwazi ukuyoqhubeka nokusebenzisa imithi namaphilisi emakhaya.
Iningi leziguli ezikulesi sikhungo ziphila nokukhubazeka.
Kuthiwa lesi sikhungo esaziwa ngeStepdown, asinabo abasebenzi, nesakhiwo kuthiwa asikho esimeni.
Isolezwe lithole ukuthi kulesi sikhungo kunamawindi afile kanye nezicabha ezingavaleki.
Lesi sikhungo kwakukade kuyinkambi yamasosha ngaphambi kokuthi sithathwe uMnyango wezeMpilo.
Umthombo osebenza kulesi sikhungo, ongeke uvezwe uthe isakhiwo asinakiwe ngale ndlela yokuthi umuntu odlulayo angazitshela ukuthi asisasebenzi.
"Uma ungasibona angeke uzitshele ukuthi kukhona iziguli ezilashelwa lapha. Ungakhohlwa ukuthi lapha sikhuluma ngeziguli ezidinga ukunakekelwa ngempela ngoba ezinye zikhubazekile. Umuntu angazitshela ukuthi le yindawo nje ezihlalela amaphara."
Lo msebenzi uthe basabela ukuphepha kwabo kanye nokweziguli.
"Kuneminyango engasavaleki lapha kuphinde kube namawindi afile. Ebusuku siyesaba. Nakhona sincane kakhulu isibalo sabasebenzi lapha uma uzoqhathanisa nomsebenzi osihlalele."
UNobhala weNehawu eMgungundlovu, uMnuz Mazwi Ngubane, uthe bafuna ukuthi uMnyango wezeMpilo ulungise ngokushesha lesi sikhungo.
"Siyafisa ukuthi umnyango usheshise uhlelo lokushintsha lesi sikhungo, sibukeke njengesikhungo sikahulumeni. Akwamukelekile ukuthi iziguli zilaliswe endaweni enjena, ikakhulukazi ngoba lapha sikhuluma ngeziguli ezidinga ukunakekelwa ngempela."
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal awuzange uyiphendule imibuzo ethunyelwe ngoLwesihlanu.
Umnyango wawuthe uzokhipha isitatimende esiphendula udaba lwezikhalo ngalesi sikhungo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ungakasithumeli isitatimende.
Kwenzeka lokhu nje okunye okuvelayo ukuthi onogada eNorthdale bebehudula izinyawo ngeledlule ngenxa yokuthi sekuphele isikhathi eside bengaholile.
Kuthiwa sekuphele izinyanga ezintathu onogada bengaholile, inkampani ebaqashile ikhala ngokuthi nayo ayikhokhelwe umnyango.
INorthdale, engaphandle kancane kwedolobha uMgungundlovu, ibe sematheni muva nje ngesikhathi kusabalala izithombe zabasebenzi bakulesi sibhedlela bepheka ukudla kweziguli emlilweni.
Lokhu kwenzeka ngesikhathi kuhambe ugesi, ama-generator amathathu akulesi sibhedlela awazange asebenze ngesikhathi kuhambe ugesi.
Kwasala kumnyama bhuqe kulesi sibhedlela esikwazi ukulalisa abantu abangu-420, kwacisha nasemakhazeni akusona isibhedlela.
Related Topics: