Isithombe esigciniwe: Reuters Isithombe esigciniwe: Reuters
LUYASHUBA olombango wezinkomo eMaqeleni, eMlalazi, eShowe, kulandela ukutholakala kwento obekungathi yibhomu emzini wakwaCele, kwabulawa izinkomo ezimbili, ngeSonto ebusuku.
NgoLwesibili ngeledlule kubulawe induna yakhona uMnuz Nkomo Ngwenya (56).
Lesi sigameko silandelwe ezinye ezimbili ngoLwesine nangoLwesihlanu lapho kubulawe khona abantu ababili bakule ndawo bedutshulwa.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, baphenya amacala amabili okubulala.
“Kuvulwe amacala amabili okubulala esiteshini saseShowe. Kubulawe owesilisa oneminyaka engu-34 ngasesikoleni eNkume otholwe enamanxeba amaningi okudutshulwa. Kubuye kwabulawa nomunye wesilisa oneminyaka engu-38 esemgwaqweni ebuya emsebenzini esegoduka. Owesilisa ongaziwa umdubule amahlandla amaningi. Kuyanxuswa ukuba amalungu omphakathi anolwazi ngalokhu kuhlaselwa kwabantu athinte amaphoyisa aseduze kuboshwe abasolwa,” kusho uCol Mbele.
Amaphoyisa athe aphenya icala lokuzama ukubulala nelokucekela phansi impahla ngenxa yesigameko esenzeke kwaCele.
UMnuz Dingani Cele, osinde ngokulambisa edutshulwa ngeSonto ebusuku uthe: “Ngizwe kuqhuma isibhamu ngo-10 ngeSonto ngisendlini. Kwabholeka indlu ngenxa yezinhlamvu ebezidubula indlu yami. Angazi ukuthi ngisinde kanjani ngoba badubule baze bayeka selina kakhulu. Ngifonele amaphoyisa khona ebusuku aze afika namhlanje (izolo) ekuseni
ngabo-9. Sibone ekuseni ukuthi izinkomo ezimbili zidubulekile kukhona nokunye okungathi yibhomu,” kusho
uCele.
Uthe akukhona okokuqala ehlaselwa ngoba izingane zakhe zabafana ezimbili zisesibhedlela ngemuva kokudutshulwa zihlaselwa. Uthe ukuhlaselwa kwabo kuhlobene nokuntshontshwa kwezinkomo.
“Konke lokhu kubulawa kwabantu kungenxa yombango wokwebiwa kwezinkomo. Ayaziwa amasela ezinkomo kule ndawo, yiwona ke aholela ekubulaweni kwabantu,” kusho uCele othe uthukile futhi ulindele noma yini.
Umthombo weSolezwe uthe isimo simanzonzo endaweni njengoba abanye sebelala emizini yabantu becasha.
Ngeledlule Isolezwe libike ukuthi bahlanu abantu asebehlaselwe ngenxa yalo mbango okuthiwa uphakathi kwabakwaCele nabakwaNgwenya.
Kuthiwa umbango ususwa ukwebiwa kwezinkomo njengoba umufi uNgwenya wayesesungule isigungu esilwa nalesi sihlava sokwebiwa kwezinkomo.
Abanye bakhala ngokuthi nguNgwenya obephehla udweshu endaweni ngokwebiwa kwemfuyo.
Kuthiwa ngeSonto, kukade kungcwatshwa uNgwenya, kuzwakale kuqhuma izibhamu kaningana endaweni kwabe sekuhlaselwa kwaCele.
Isolezwe lithole ukuthi kunohlu lwamagama abantu okuthiwa kumele babulawe.
Uhlu kuthiwa ngolwabantu abebehambisana noNgwenya.
“Okumangazayo wukuthi abantu babulawa emini kabha kubuka wonke umuntu kodwa amaphoyisa awabophi muntu. Abantu abalwa le mpi yezinkomo bayaziwa. Okubuhlungu wukuthi amaphoyisa afika esezolanda izidumbu. Kumanje asazi ukuthi ubani ozolandela abulawe,” kusho umthombo.
Abanye esebebulewe kule ndawo yindodana yenduna uMnuz Sibongiseni Ngwenya. Kwadutshulwa nabafana bandawonye bakwaMnyandu nowesilisa owayevakashele ekhweni lakhe.