IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kubashayeli bezimoto kwazise i-Automobile Association (AA) iveze ukuthi uphethroli uzokwehla ngoR1.89 ngoMeyi.
Uphethroli bewehlile ngoMashi emuva kokuthi amazwe awukhiqizayo enqume ukuwehlisa.
I-AA ithe ilitha kaphethroli izokwehla ngoR1.89, ekapharafini yehle ngoR1.88 kuthi ekadizili yehle ngoR1.17.
Esitatimendeni i-AA iveze ukuthi ukwehla kuka-oyela kudalwa wukuqubuka kweCovid-19 emhlabeni jikelele eholele ekutheni kube namazwe avaliwe bese uphethroli nodizili kungadingeki.
Iphinde yaveza ukuthi ukulwa kweRussia neSaudi Arabia kuholele ekutheni kuncishiswe ukukhiqizwa kuka-oyela ongahluziwe ngemiphongolo ewu-10 million ngosuku.
Iphethe ngokuthi uma kuphela * -Ephreli uphethroli uzobe sewehle ngoR3 kwintengo obuyiyo. I-South African Reserve Bank (SARB) yehlise i-repo rate ngo-1% noma * -100 basis points okuyibeka ku-4.25% isuka ku-5.25%.
UMnuz Sandford Mazhindu okhulumela i-UASA uthe bayakwamukela ukwehliswa kwerepo rate ngoba kuzosiza abantu abathwele kanzima ngenxa yeCovid-19.
Uthe abasebenzi abanezikweletu zezindlu bazokwehlelwa wumthwalo ngoba izokwehla imali abayikhokha nyangazonke ezikweletini.
“Sicela abasebenzi basebenzise ukwehliswa kwerepo rate ukukhokhela izikweletu zabo. Bangalokothi bayidle imadlana encane asebesala nayo. Kuseza izikhathi ezinzima ngoba iSARB ithi umnotho uzokwehla ngo-6.1% okuzoholela ekudilizweni kwabantu. Kubalulekile ukuthi sizivikele songe imali esiyitholayo uma singenazo izikweletu,” kusho uMazhindu.