OWAYESISIGUNGWINI esiphezulu se-ANC uMnuz Mathwes Phosa uthi kunenkohlakalo emihlanganweni yamagatsha aseMpumalanga esifundeni adabuka kuso, futhi le nkohlakalo iphazamise izinhlelo zakhe zokubuyela esikhundleni esiphezulu kwi-ANC.
UPhosa owayenguNdunankulu waseMpumalanga utshele i-Independent Media izolo njengoba kusele izinsuku ezimbili ukuthi udaba lwakhe lungene enakntolo eNkulu yasePitoli ukuthi imihlangano yamagatsha ibigcwele inkhlakalo.
"Kulezi zinsuku ezimbili ezizayo inkohlakalo izohlala obala simatasa. Amagatsha angu-48 kade engivotele kodwa kaphazamiseka ngenxa yokuthi uMabuza (David uNdunankulu waseMpumalanga) unebutho lamasosha elisabisa abantu," kusho uPhosa.
UMnuz Zwelo Masilela okhulumela i-ANC eMpumalanga uthe uPhosa akatholanga ngisho ivoti elilodwa emagatsheni.
"Angikholwa ukuthi izinsolo ezinjalo zizovumelelaka enkantolo. Luzochithwa lolu daba," kusho uMasilela.
Uthe uPhosa akazange aqokwe ngisho egatsheni lakhe eliku-ward 30 eNelspruit. .
Uziphisile izinsolo zokuthi uMabuza unamasosha asabisa abantu esho nokuthi mhlawumbe ngabantu ababeziphuzele bedubula emoyeni ephathini thizeni, akusiwona amasosha kaMabuza.