ABANGENELE ukhetho ngokuzimela bazovunyelwa ukuqoka abantu abazobasiza okhethweni uma kuvotwa njengokuqapha uhlelo lokuvota nelokubala amavoti.
Okwamanje amaqembu ezepolitiki aba nabantu ababathumayo ukuyoqapha uhlelo lokuvota uma kusabhaliswa, nangesikhathi sekuvotwa kanjalo noma sekubalwa amavoti emva kokhetho.
Lokhu kuvele izolo emhlanganweni obuphakathi kwekhomishini eyengamele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC), uMnyango wezaseKhaya nekomiti lalo mnyango ePhalamende.
Umqondisi-jikelele woMnyango wezaseKhaya, uMnuz Tommy Makhode, uthe umnyango uvumelene nekhomishini ukuthi abazongenela ukhetho ngokuzimela babe nabantu azobasiza.
Uthe laba ngeke besabizwa ngama-party agent, okuyigama ababizwa ngalo njengoba kuyodingeka ukuthi kuchitshiyelwe ngoba kuzobe sekungenela ukhetho abazimele.
Abangenela ukhetho ngokuzimela bazokwazi ukungenela ukhetho lukazwelonke ngo-2024. Kuzobe kungokokuqala kwenzeka lokhu njengoba bebekwazi ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya kuphela.
“Njengoba kunesivumelwano sokuthi abangenele ukhetho ngokuzimela bakwazi ukuqoka aabazobathuma ukuyobasiza, kuzodingeka ukuthi kuchitshiyelwe umthetho. Okunye ngukuthi indaba yemali ezokhokhwa wumuntu ongenele ukhetho, izobuya uma ethole isihlalo kodwa uma ekhale ngaphansi, imali ayibuyi,” kusho uMakhode.
Usho lokhu nje, nasokhethweni lohulumeni basekhaya uma iqembu noma ongenele ukhetho ethole isihlalo, imali ekhokhwayo ukungenela ukhetho iyabuya. Uma engatholanga lutho, imali ayibuyi njengoba iya ophikweni oluqoqa intela kuleli, iSars.
UMnuz Sy Mamabolo oyisikhulu esiphezulu se-IEC, uthe umuntu ongenela ukhetho ngokuzimela kumele abhalisele ukuvota kuleyo ndawo ahlala kuyona.Uthe akumele ukuthi aye kofuna ukungenela ukhetho endaweni angahlali kuyona.
“Njengoba nasokhethweni lohulumeni basekhaya kwenzeka, umuntu obhalisele ukhetho ngokuzimela uvota lapho ehlala khona. Ngeke ungenele ukhetho eGoli ekubeni uhlala eThekwini.”
USihlalo wekomiti loMnyango wezaseKhaya ePhalamende, uMnuz Mosa Chabane, uthe bazoqhubeka babhunge ngalo mthethosivivinywa wezokhetho ukuze bahlangabezane nesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi umuntu ongenela ukhetho ngokuzimela, akwazi ukungenela olukazwelonke nolwesifundazwe.
Uthe bayasamukela isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo elulele iPhalamende isikhathi esiyizinyanga eziyisithupha ukuthi liphothule lo mthethosivivinywa.
“Sizoqhubeka sisebenze nakuba iPhalamende liguqile ukuze sikwazi ukuphothula lo mthethosivivinywa ngesikhathi esibekiwe. Sifuna ukuzenelisa ukuthi ikhona yonke imibono yomphakathi ngoba lo lokhu uthinta intando yeningi yakuleli.”