Izindaba

[Ezezimali] Izosukunyelwa eyabaqola imali ngama-debit order

Boniswa Mohale|Published

UDkt Christoph Nieuwoudt oyisikhulu esibhekelele ezabathengi eFNB uthe bayayisukumela indaba yezinkampani ezenza ama-debit order angagunyaziwe kuma-akhawunti amakhasimende abo. UDkt Christoph Nieuwoudt oyisikhulu esibhekelele ezabathengi eFNB uthe bayayisukumela indaba yezinkampani ezenza ama-debit order angagunyaziwe kuma-akhawunti amakhasimende abo.

BANGAKI kunina okuthi uma kuphela inyanga bathinte ibhange ukuze babuyelwe yimali ethathwe ngama-debit order angagunyaziwe? Sibaningi esihlalelwe yilo msebenzi, okuhle wukuthi amabhange athi azolwa nalo mkhuba wokutonyulwa kwemali yethu ngaphandle kwemvume.

UDkt Christoph Nieuwoudt oyisikhulu esibhekelele ezabathengi eFNB uthe bayayisukumela indaba yezinkampani ezenza ama-debit order angagunyaziwe kuma-akhawunti amakhasimende abo.

“Sithole ukuthi ngoDisemba (2018) nangoJanuwari (2019) amakhasimende akhala ngokuthathelwa imali yiProcall neMzansi. Amakhasimende ethu ayakwazi ukubuyelwa yimali yawo uma esazisa ukuthi awazi lutho ngalezi zinkampani. Lokhu angakwenza ngokusebenzisa i-app esemaseluleni awo, ngohlelo lwe-online banking noma axhumane nathi,” kusho uNieuwoudt.

Uthe amakhasimende athathelwa imali yawo yiProcall neMzansi akukho sivumelwano asenzile nalezi zinkampani kodwa ziyawaqola.

Uthi ngaphandle kokuqinisa ezokuphepha kuma-akhawunti amakhasimende abo basebenzisana nePayment Association of South Africa (Pasa) neSouth African Banking Risk and Information Centre (Sabric) ukulwa nale nkinga.

“Sizozivulela amacala izinkampani ezithatha imali yabantu zingagunyaziwe. Siyaxolisa kumakhasimende ethu athathelwa imali kodwa siyawathembisa ukuthi senza konke okusemandleni ethu ukuxazulula inkinga,” kusho uNieuwoudt.

UMnuz Walter Volker oyisikhulu esiphezulu sePasa uvumile ukuthi basebenzisana namabhange ukulungisa Inkinga yama-debit order angagunyaziwe wagqugquzela abantu ukuthi bazihlole njalo izitatimende zabo zasebhange ukuze uma kunenkinga isheshe ilungiswe.

*ICapitec ithi zizokwehla izindleko kumakhasimende aleli bhange kusuka ngoMashi 1 kwazise izindleko zeGlobal One Solution ze-administration zizoba wuR5 zisuka kuR5.70.

Ukusebenzisa izinsiza zaleli bhange kwiselula nakwi-internet (online banking) zisemahhala.

Ukukhipha imali ezitolo zakwaPick * Pay, Shoprite, Checkers naseBoxer kuzoba wuR1 zisuka kuR1.60.

Ukukhipha imali kuma-ATM akwaCapitec kuzodla uR6 kuR1 000 okhishwayo. Kuzothi uma amakhasimende akwaCapitec ekhipha imali kuma-ATM amanye amabhange akhokhe uR8 ngoR1 000.

Leli bhange lithe lisazonika amakhasimende alo inzalo ephakathi kuka-5.1% no-9.25% kuma-akhawunti okonga imali ahlukene.

Sesiphetha ngiyathemba ukuthi nisibonile isabelomali sikaNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Tito Mboweni ubephethe nenhlaba ngesikhathi esethula. Ukubeke kwacaca ukuthi izwe libhekene nesomiso semali kodwa lifana nenhlaba emila noma kunesomiso. Lokhu kusho ukuthi asongeni imali ukuze kusimame umnotho wethu, masehlise izikweletu ngoba uhulumeni awunamali.

Ngijabulile ukuthi kunyuswe imali yomndende (impesheni) ngoR85 okusho ukuthi seyizoba wuR1 780. Phela ziluthwele usizi izalukazi namakhehla.

Ngiyacela nabazali bayisebenzise kahle imali yeqolo esizoba wuR425.

Kumnandi nokuthi amanzi kagesi nogwayi kunyukile ngoba abantu bayaqhubeka nokuphuza nokubhema noma ngabe kubiza kangakanani.

Inyukile-ke nentela kaphethroli noma singakhala kangakanani ngayo okubuhlungu wukuthi sizokhokha sithanda singathandi.

Uma unenkinga edinga Ezabathengi ungathumela i-email [email protected]

- Ezabathengi