SESITHOLE inqwaba yemibuzo kumakhasimende ethu akuhulumeni asezothatha umhlalaphansi ngohlelo loMnyango wezeziMali olungenasijeziso uma uthatha umhlalaphansi isikhathi singakafiki okungaphansi kwesigaba 16(6) somthetho iPublic Service Act ka-1994.
Leli ithuba lifeza izinhloso ezimbili, eyokuqala: ithuba lokuphuma masinyane emsebenzini kulabo abafuna ukuthatha umhlalaphansi sebeneminyaka ephakathi kuka-55 no-60. Into enhle ngalokhu ukuthi kulabo abanale minyaka abazukujeziswa ngokusheshe bayeke ukusebenza, bazothathwa njengabaye empeshenini njengokujwayelekile futhi sekufike isikhathi.
Eyesibili: uhulumeni uzothola ithuba lokwehlisa izindleko zomholo okumanje zidla u-33% wesabelo-mali sezwe. Ukukucacisa lokhu, sizoqhathanisa elakuleli namanye amazwe ubone ukuthi yingxenye engakanani yesabelo-mali ethathwa yimiholo yabasebenzi. E-Russia (13.7%), Brazil (11%), Australia (10.44%), USA (9.74%), India (8.13%). Wonke la mazwe angaphansi kweNingizimu Afrika ngo-14.%. Lokhu kuvezwe ucwaningo oluthi “Our World in Data”. Ukuphumelela kukahulumeni ukwehlisa imali, kuyoyehlisa le ngcindezi.
Leli cebo loMnyango wezeziMali lizosiza ngokuhlinzeka ngemali amalungu akwazi ukuthatha leli thuba futhi ahambe nezimfanelo zawo ziphelele. Uma kushoda esikhwameni sakho sempesheni uMnyango wezeziMali uzoyigcwalisa. Kunemigomo nemibandela okumele labo abacabanga ukuthatha leli thuba bayicabange.
Nansi imibuzo okumele sizibuze yona:
* Ingabe yiwona wonke umuntu oneminyaka ephakathi kuka-55 no-60 ofanelekile ukuthatha le mpesheni? Ngokwesaba ukuthi bazoba baningi kakhulu abathatha leli thuba bahlungiwe, akusiwo wonke umuntu ofanelekile novumelekile.
Ungakwazi ukufaka isicelo sokusheshe uye empeshenini uma usebenza ngaphansi kwalezi zikhungo ezilandelayo ube ungaphezu kuka-55:
EMnyangweni wezokuVikela, eMnyangweni wamaPhoyisa, eMnyangweni wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, eMnyangweni wezeMfundo, oqashwe njengothisa namalungu eState Security Agency, kwi-Intelligence Services Act 65, 2002.
Kweminye iminyango ababaliwe kulolu hlelo. Sisola ukuthi kulezi ezibaliwe yilapho zizoba ziningi izicelo zokuthatha leli thuba.
* Ingabe isicelo sami sokusheshe ngithathe umhlalaphansi bazovele basamukele kanjalo-nje?
Cha, isikhulu esisemthethweni ngokomnyango lowo osebenza kuwo yisona esizobheka lokhu bese sikhipha isinqumo. * Yini enye engidinga ukuyazi ngeminyango kahulumeni eqondene nokufaka isicelo sami?
Kubalulekile ukuqonda ukuthi uMnyango wezeziMali nawo uyakugcizelela ukuthi iminyango iqambe amasu enele okuhlunga abantu ukuze umsebenzi ungami uma sekufike isikhathi sokuba labo abazothatha leli thuba bahambe. Okunye ngesabelo-mali kuyosiza uMnyango wezeziMali uqonde ukuthi ingakanani imali edingeka bayihlinzeke ezogcwalisa imali yesikhwama sempesheni.
Okunye okubalulekile ukuqonda ukuthi kunezizinda ezimbili zokubhekela lolu daba kahle. Phezu kweResponsibility Authority, eyokuqala yi-Early Retirement Assessment Retrenchment Committee (ERAC).
Umsebenzi wayo ukuhlola zonke izicelo zesifunda nokuthi zithinta kanjani ukusebenza kweminyango nezabelo-mali zayo. Esinye isizinda yiDepartmental Early Retirement Moderating Committee. Leli thimba yilo elithatha isinqumo sokuthi “ungahlala” noma “ungahamba” emva kokucubungula umsebenzi we-ERAC.
* Ingabe isicelo sami sizobhekelwa esikhathini esingakanani?
Sithi asithumele isexwayiso ngoba sonke siyazi ukuthi ukwenza izinto kukahulumeni kusebenza kanjani okungadala ukuthi kugcine sekuthathe isikhathi eside kunalokhu esikulindele.
Izikhathi okumele siziqaphele futhi sizikhumbule:
Kuqale ngo-Ephreli 1, 2019 kuze kube uSepthemba 31, 2019 ukuthathwa kwezicelo (uma kunokwengezwa kwesikhathi, kuyomenyezelwa).
Uma samukelekile isicelo, siyohlala izinsuku ezingu-30 lapho ulindeleke ukuthi wamukele noma unqabe iphakheji abakunika yona.
Kuvumeleke abaneminyaka ephakathi kuka-55 kuya ku-60.
Kubalulekile ukuhlela kusekude futhi uthole ukwelulekwa okuyikho nemininingwane eyiyo ukuze imalli yakho uyibeke ngendlela ozozuza ngayo esikhathini esizayo.