UBHODISI ungenye yezinto zangaphansi okunzima ukuthi owesifazane angazigqoki.
Wenza ukuthi ngisho into oyigqokile ibukeke kahle futhi kungabi khona ukunyakaza nokudonseka kwamabele uma unyakaza noma uhamba.
Yize kunjalo, ongoti bathi kubalulekile ukuthi uma uthola ithuba, uke ukhohlwe kancane wubhodisi. Amabele akho uwashayise ngomoya.
Bathi abesifazane uma bezihlalele ekhaya noma beyolala, abangawugqoki ubhodisi.
Ukuhlale uzinkonofele ngobhodisi, bathi kunemithelela engemihle.
Nakhu okunye abakubalayo ukuthi kuyimithelela emihle yokuphumuza amabele ngobhodisi:
*Amabele akho aba yindilinga kahle uma ungahlale ugqoke ubhodisi
UBHODISI okulingana kahle uwubona ngokuthi ukushayise umoya phakathi kwamabele, amabele aqhele kodwa ebe engavelile ngezansi moma ngenhlaIsithombe: HuffPost
Yize iningi licabanga ukuthi ukungawugqoki ubhodisi kwenza owesifazane abe namabele amade amakhulu kodwa ongoti bathi ukuhlale unkonofele amabele ngobhodisi kwenza ukuthi agcine ethanjelwa yizicubu eziwakhile bese ebukeka kabi uma ungasawugqokile ubhodisi.
*Ulala nakahle ebusuku ngaphandle kukabhodisi
-Omunye umuntu angazibuza ukuthi ngempela ulala kanjani nobhodisi, iqiniso wukuthi baningi abesifazane abalala begqoke obhodisi, abanye benganakile ukuthi babagqokile.
Umsunguli weBra Emporium Intimacy, uSusan Nethero, uthi izimpahla zokulala zabesifzane ezihehayo zivamise ukuthi zakhelwe ubhodisi phezulu.
“Leyo ngubo ehehayo ebamba amabele uma ulele iwubhodisi. Ufana nse nomuntu olele egqoke ubhodisi ojwayelekile uma uhlale ugqoke lezo zimpahla uma ulala,” usho kanje.
Uthi ukulala nobhodisi kuyakuthikameza ukulala, ngisho uphenduka usuzumekile, ukubambeka kwamabele kungenzeka kukuphaphamise uzithole usuqwasha. Uthi kuhle ukugqoka lolu hlobo lwempahla yokulala ngezinsuku ezikhethekile kuphela, kungabi yimpilo yakho.
* Ukugeleza kwegazi
Ukubambeka kwamabele ngenxa kabhodisi uma ulele, kwenza ukuthi igazi lakho lingagelezi kahle. Ukuwaphumuza kancane uma usekhaya, kuzokhulula umzimba negazi ligeleze kangcono.
*Kusimamisa izicubu zamabele
Ukuhlale ugqoke ubhodisi nangezikhathi ezingafanele, kungenza ukuthi izicubu zamabele akho zisheshe zikhathale futhi kube lula nokuhlaselwa yizinkinga nezifo ezithanda ukuhlasela amabele. Lokhu kungabhebhethekiswa nawukugqoka usayizi okungewona ofanele amabele akho, omncane kakhulu ompintsha amabele noma omkhulu kakhulu owenza ukuthi amabele akho anyakaze nawe sonke isikhathi uma unyakaza.
KUBALULEKILE ukugqoka iSports Bra uma uzivocavoca, kungenjalo uwabulala uyawaqeda amabele akho
OBUNYE UBUNGOZI BOKUGQOKA USAYIZI OKUNGEWONA KABHODISI
* Ubuhlungu emabeleni
Bakhona abesifazane abazitshela ukuthi ngokugqoka ubhodisi omncane kunamabele akho, wenza ukuthi amabele akho abukeke emancane. Kodwa ungoti kusayizi kabhodisi, uSamantha Pillay wenkampani ekhiqiza obhodisi, uTruimph, uthi ubhodisi omncane awenzi amabele abukeke emancane.
“Kunalokho wenza abukeke kabi nasentweni oyigqokile. Aba buhlungu kulimala nesikhumba ngemuva nangaphansi kwamabele. Uthola ukuthi usunezishazi ezimnyama ezidalwa wukuhlale unamathelwe yilastiki kabhodisi engena enyameni ngoba mncane ubhodisi,” usho kanje.
* Ubuhlungu emgogodleni
Uthi ubhodisi ongakulingani wenza ukuthi udonseke nasemhlane. Kuqala ngokuthi kudonseke indawo engasezimbanjeni (rib cage), okugcina ngokuthi kuthinteke nomgogodla bese ugcina uzwa ubuhlungu emgogodleni.
* Amabele asheshe aguge, alenge
Njengoba esonteka kabuhlungu amabele uma ugqoke ubhodisi ongakulingani, kulula nokuthi asheshe akhathale, alenge, abe made yize usuke usemncane ngokweminyaka.
USamantha uthi abazali kubalulekile futhi ukuthi bababhekisise obhodisi abagqokwa ngamaqhumamponjwana.
“ Ngike ngiqaphele ukuthi amantombazane asemancane ajwayele ukuthanda obhodisi abampintshayo..ikakhulu abanamabele athe xaxa, bathanda laba abenza kuvele i-cleavage. Ngokwenze njalo bayawalimaza amabele abo.”
Uphinde waxwayisa nangohlobo lobhodisi owakhiwe wantofontofo waba nokusazipontshi (padded bra).
“ Lolu hlobo lobhodisi lwakhelwe abanamabele amancanyana ukuze abukeke ethe xaxa uma sebegqokile. Ukugqoka lolu hlobo uvele unamabele amakhulu, kuwenza abukeke emakhulu ngokwedlulele.
UKUBALULEKA KUKABHODISI OFANELE UMA UZIVOCAVOCA
-Iningi labesifazane abazivocavocayo aliyinaki indaba kabhodisi ofanele uma ujima, bagqoka obhodisi babo abajwayelekile.
Empeleni ongoti bathi ukuba khona kobhodisi ababizwa ngamaSports Bra, akulona nje iqhinga lokwakha imali kwabakhiqiza obhodisi, kodwa yingoba kwaba khona ucwaningo kwavela ukuthi kubalulekile ukuthi uma unyakazisa umzimba, amabele akho avikeleke ngandlela thile.
“ISports Bra sakhiwe ngendlela yokuthi sikwazi ukunikeza amabele owesifazane ukwesekeka okufanele, emabeleni nangemuva,” kusho uSamantha.
Uthi ubhodisi owakhelwe ukujima, wenziwe ngendlela yokuthi namahlombe awalimali uma ugijima noma ushwiba umzimba kakhulu, kanti ojwayelekile ungena ugxile enyameni uma kwenzeka lokhu.
Nakhu okunye uma uzivocavoca
* Gqoka iphenti likakotini noma ungaligqoki nhlobo.
* Ungagqoki amateku asegugile
* Izimpahla oziqgokile nazo azibe wisayizi wakho, zingakubambe ngoba zingakulingani, kodwa azikubambe ngoba zakhiwe ngaleyo ndlela.
* Ungajimi ugcobe i-make-up, ngesikhathi ujuluka, ukungcola kuyakheka ngaphansi kwe-make-up bese uzithole uqubuka nezinduna zizenzele kuwena.