KUNOMSHANGUZO omusha olwa nesifo esithelelana ngokocansi, iHuman Papiloma Virus (HPV).
Lo mshanguzo obizwa ngeTipapkinogen Sovacivec (TS) uwumjovo onikwa abaneHPV.
Ucwaningo olwenziwe wuSolwazi Diane Harper ofundisa eNyuvesi iMichigan e-United States (US) uthe, iTS ilwa neHPV futhi iyalwa nokuhluma kwezinyama ezidala umshanguzo kwabesilisa nabesifazane.
“Kuyasijabulisa ukuthi imiphumela yocwaningo lwethu ikhombisa ukuthi iTS iyalwa neHPV ngoba mincane kakhulu imikhiqizo elwa nalesi sifo,” kusho uHarper.
Uthe ngesikhathi benza ucwaningo bebenabesifazane abawu-192 akade sebehluma izinyama ezinomdlavuza.
Abantu abawu-129 bajovwe ngomshanguzo weHPV kwathi abawu-63 banikwa i-placebo.
Uthe abesifazane bebejovwa kathathu emathangeni kanye ngesonto.
“Emuva kwezinyanga eziyisithupha, abesifazane baye bahlinzwa basuswa izinyama ebesezikhula ikakhulu labo akade bejovwa. Labo abakwi-placebo abazange bahlinzwe. Uma umuntu ehlinzwa iyasuswa inyama edala umdlavuza kodwa ayiyiqedi iHPV. Sithole ukuthi iTS iyayiqeda iHPV,” kusho uSolwazi Harper.
Uthe iHPV ihluke kakhulu kwiGardasil9 okuyiyona evamise ukunikwa abaneHPV.
“IGardasil9 ilwa neHPV ukuthi ingabuyi kumuntu ebimphethe kodwa iTS iyazisusa lezo zicubu ezingenwe yiHPV.
“Sizoqhubeka nokwenza ucwaningo ngeTS ukuze sithole ukuthi ngabe iyayilapha yini eminye imidlavuza eyamaniswa neHPV okubalwa owekhanda, owomqala nomdlavuza ohlasela indawo yokulahla itshe lentaba,” kusho uSolwazi Harper.