NGOKUJWAYELEKILE abantu besifazane abavamise ukuxwayiswa ngokunakekela ubuntu babo. Izinto ezifana nezinsipho zokugeza ubuntu, imithi egcotshwayo uma ufuna ukuphungula izinwele nokunye okuningi.
Odokotela bathi nakwabesilisa kumele bafundiswe futhi bajwayezwe ngezindlela okuyizo zokunakekela amankwahla nezindawo eziwazungezile.
Bathi amankwahla kwabesilisa, yinto ebucayi kakhulu edinga ukunakekelwa kungenziwa noma kanjani kuyona.
Babala ukumpintsheka kakhulu kwawo njengenye yezinto okumele igwenywe ngoba kwenza omkhulu umonakalo emisebenzini eyenzayo.
Nakhu okunye okubalulekile ngokunakekela le ndawo:
* Ungasebenzisa izinto zokugcoba ezidalelwe le ndawo: Abaningi abakwazi lokhu. Kodwa zikhona izinto zokugcoba ezidalelwe ukunakekela amankwahla. Le mithi iyishayisa ngomoya le ndawo. Imithi yokugcoba efana neBalls Lotion isiza ukuthi amankwahla ashawe wumoya iphinde igweme ukujuluka ngokweqile kule ndawo.
* Bhekisisa insipho ogeza ngayo: Kubalulekile ukuthi ugeze ngohlobo lwensipho olune-moisturizer. Amankwahla yindawo ezwela kakhulu. Ungageza ngensipho efana neDove. Okunye ongakusebenzisa izinsipho ezidalelwe ukusetshenziswa ebuntwini kwabesilisa.
* Ungayinukisa kahle le ndawo ngokufutha: Zikhona izifutho ezidalelwe ukunukisa kahle amankwahla. Qinisekisa ukuthi uma uqeda ukugeza uyisula kahle le ndawo.
Uma uqeda usungafutha bese kushaya umoya usuku lonke.
* Ungagqoki impahla ezokumpintsha: Njengoba sekuchaziwe, amankwahla ayindawo ezwela kakhulu. Uma uzogqoka izimpahla (impahla yangaphansi namabhulukwe) ezizokumpintsha, uzidalela inkinga. Qinisekisa ukuthi uwanika indawo eyanele yokuphefumula.
* Kubalulekile ukuhlala uhlanzekile: Kuhle ukuyigcina inuka ngendlela ejwayelekile le ndawo.
Uma ukhonze ukuzivocavoca, geza uma usuqedile. Uma ujulukile, geza. Ukuziba kungadala ukuthi kugcine sekunuka kabi.
* Geza ngemuva kocansi
Kubalulekile ukuthi nawe ugeze ngemuva kocansi. Njengoba induku yakho isuke ikhafule uketshezi, kubalulekile ukuthi ubumanzi bungahlali isikhathi eside emankwahleni.
* Ungakuzibi okukumilayo
Okusabhamuza, ukuba bomvana, okusansumpa, ungalinge ukuzibe noma ngabe akubuhlungu.
Lokhu kungasho inkinga ejulile. Kungcono kube wudokotela wakho ozokutshela ukuthi ungakhathazeki.
Ungafunda kabanzi ngokunakekelwa kwamankwahla ku: www.mh.co.za