IQINISO elingadingi kunongwa lithi iyanenga futhi iyaphoxa induku esheshe ikhafule. Owesilisa uzibona eyisahluleki, kuphele ukuzethemba, abe namahloni ungazi nokuthi yiliphi izwi lokuqala okumele uliphimise ukuze umduduze. Cishe wonke umuntu wesilisa useke wadlula kulesi simo futhi baningi esibahluphayo sikhuluma nje yinqwaba esazodlula kuso.
Isikhathi esiningi kuba ngowesimame oyaye azame ukukuqinisa idolo athi kuzolunga ngokuzayo. Ngaleso sikhathi usuke uzwa ukuthi lokho kumbambathwa emahlombe akusizi ngalutho ngendlela osuke uzicasukele ngayo. Abangayiqondi imigudu yocansi nendlela umzimba osebenza ngayo bavele balale bafulathelane omunye adonse izikhumba ahonqe, ebe ethatha ebeka owesifazane ezama ukugadulisa okwenzeka emzimbeni wakhe ekwenza nalokho egade ukuthi kumlingani wakhe kungazweli kangako.
Ukusheshe ukhafule ungowesilisa akuhlangene nosayizi wenduku, imbangela enkulu wukuba namaphaphu aphezulu kowesilisa engazi futhi engazethembi ekutheni nakhu phela izifiso zakhe seziphambi kwakhe konke sekundlaliwe kwenekwa kazi ngegeja lami ngizokwazi yini ukulawula amafolosi. Usezibambe isisu nojamludi ngemuva ubanjwe wumngcele, indima ithule ithi du. Sonke siyavumelana ngokuthi lena yimbangela enkulu yalesi sifo sokushesha kwenduku ukukhafula, pho yini abesilisa bangafundi ukuyilwa bayinqobe le mpi? Sazi kahle ukuthi lesi simo senzeka kakhulu uma wena nomlingani niqala ukududulana ngokocansi. Pho yini eyenza abesilisa bangayi kodokotela babachazele ngesimo ukuze bathole imishanguzo eqondile neqondene nabo. Udokotela ofundisekile ngeke avele akufumbe ngamaphilisi noma ngomshanguzo kodwa uzoqale akuhlole bese ekunikeza okuqondene nawe. Okumnandi wukuthi imishanguzo evimba ukuthi induku isheshe ikhafule iyashesha ukusebenza emzimbeni, akubi ngaphezu kwehora uma isibindi sakho sisebenza kahle. Asikhumbule singabesilisa ukuthi okwenzeke ekuqaleni kuyahlala, akuveli kusuke nje emqondweni womuntu wakho nakowakho uqobo.
Ake sibuyele emuva kancane, sicaciselane ngokuthi induku enjani esithi eshesha ikhafule? Sikhuluma ngenduku ethatha imizuzu engaphansi kwemibili ingaphakathi ebulilini bowesifazane bese iyadubula, sekuphelile njalo. Angikhulumi ngale nduku evele ikhafule ingakabuthi qabu nobulili bomlingani. Onenkinga efana naleyo kumele aye kudokotela wakhe manje, ngaphandle kokuchitha isikhathi. Ucansi olwemukelekayo oluthatha imizuzu kusukela kwemibili kuya kweyisikhombisa. Bese kuthi ucansi olufiswa uwonke wonke kube oluzothatha imizuzu eyisikhombisa kuya kwengu-13. Kulezi zikhathi ezingenhla sikhuluma ngenduku esuke iphakathi emgudwini womlingani, asikhulumi ngesikhathi enisichitha nisabukana, nithintana lapha nalaphaya. Kowesilisa kuvuka induku iqine ime mpo, kumlingani ubhontshisi nezingono kuvuka kume mpo, izindebe nomgudu kufuthelane ngoju oluthambisa lunandise, konke kuvume ingoma enesigqi esisodwa esithi woza ngikufuna manje. Lapha isikhathi silinganiselwa emizuzwini engu-13. Bakhona abaneliseka ngemizuzu engu-18. Zikhona nezizwe zamaNgisi ezanela ngemizuzu eyela ku-22 nangaphezudlwana. Okumqoka lapha wukuthi ukulungisana makube yisikhathi esanele, nesikhathi esichithwa induku ingaphakathi emgudwini womlingani ngaphambi kokukhafula naso masibe esanele.
Ucansi lunamazinga zinga alungelene, kusukela ekuhaleleni kuya kuvuthondaba kuhlanganisa nesikhathi sokuntwelisa umqondo. Abaya ocansini kufanele bazihloniphe lezi zigatshana ngoba zonke zibalulekile ekwenelisaneni ngokocansi. Abantu bakithi abakuqondi ukubaluleka kokubambana omunye abe seduze komunye emva kovuthondaba lapho senisesigabeni engisibize ngokuthi ukuntwela komzimba nomqondo. Lapha esiya khona ukuqondisana ukuthi kunabesifazane abathi kuhlukumeza kakhulu ukumfimfitha izigatshana zocansi, uthi usathi nangu nangu umlingani; hhawu usekhafulile ngokushesha, baxolela ukuthi ayivele ingaqali, okungenani babhekane nesimo esinjalo. Imishanguzo yokuvimbela ukushesha kwenduku ikhona futhi iyasebenza. Masiye kodokotela siyocela imishanguzo yalesi simo.
Ngifisa ukuvala ngenzulumicabango yami ngenkanankana yabantu besilisa ababulala abalingani babo uma esethe ucu alusahlangani. Umbuzo uthi yisiphi isizathu esiyimbangela yalobu bulwane? Lokhu siyakubona kule lizwe kwenzeka mihla namalanga. Sikubona nasemabhungwini asemancane ebulala ngesihluku izintokazi ezisencane.
Umuntu wesilisa noma yimuphi, akakwemukeli ukufeyila ocansini. Ukuzethemba, nokuzizwa ehloniphekile kuyaphela uma enenduku esheshe ikhafule, induku ewa iphakathi okanye engavuki. Abantu besifazane bamanje bakhululekile, bazomtshela umlingani ukuthi akenzi kahle ngakho ucu alusahlangani. Kwesinye isikhathi owesimame ngeke asho ngokuqondile kodwa ngeke kube nzima kowesilsa ukubona ukuthi yisiphi isizathu sokufisa ukuthi kuhlukanwe Umuntu wesilisa angafa nokufa ebona eyisehluleki ocansini, uzofuna ukuvikela ukubhacaza kwakhe. Wenzenjani emva kwalokho? Uthatha isinqumo sokubulala umlingani wakhe ngoba useyamshiya ngenxa yokwehluleka ocansini useyothandana nomunye ongcono kunaye mhlawumbe obenolwazi ngokuthi bayizithandani. Njengoba ngishilo kuyinzulumcabango yami lokhu emva kokujula ngizibuza ukuthi yini eyenza amabhungu akithi abe nobulwane nobunuku obunjena.
Mpilonde!