BANGAPHEZU kuka-1.4 billion abantu emhlabeni jikelele abasengozini yokungenwa yizifo ngenxa yokungawuvocavoci umzimba.
Ucwaningo luka-2016 lwe-World Health Organisation (WHO) olushicilelwe kuThe Lancet Global Health Journal luthi abantu abalinganiselwa ku-1.4 billion emhlabeni wonke basengozini yokungenwa yizifo okubalwa kuzo umdlavuza, isifo sikashukela, esenhliziyo ngenxa yokungawuvocavoci umzimba.
Ngokusho kwabacwaningi lokhu kukhombisa ukuthi namanje isencane impumelelo ebe khona ekugqugquzeleni abantu ukuthi bazivocavoce phakathi kuka-2001 no-2016.
Bathe uma kungenziwa lutho ukubhekana nenkinga ngeke lube yimpumelelo uhlelo lokuqinisekisa ukuthi ngo-2025 siyobe sesenyukile isibalo sabantu abazivocavocayo emhlabeni wonke.
UDkt Regina Guthold weWHO uthe akuwona wonke amazwe anenkinga yokuba nabantu abangawunyakazisi umzimba kodwa ingxenye eyodwa kwezine yabantu abadala abakwenzi.
I-Uganda neMozambique kubalwe phakathi kwamazwe angenzi kahle ngenxa yokuthi bawu-6% kuphela abantu kuwona abavocavoca umzimba.
Lawo anabantu abaningi abakukhuthalelayo ukuvocavoca umzimba kubalwa iKuwait (67%), iSaudi Arabia (53%) namanye.
INingizimu Afrika beyingekho emazweni enza kahle kodwa kayenzi kabi kakhulu. Okuhlalukayo wukuthi baningi abantu besifazane (32%) kunamadoda (23%) abavocavoca umzimba. NaseNingizimu Afrika abesifazane (47%) baningi abavocavoca umzimba kunamadoda (29%).
Ucwaningo beluncike ekutheni abantu okukhulunywe nabo basho bona ukuthi basebenzisa isikhathi esingakanani bevocavoca umzimba. Bekubhekwa izinto ezehlukene abantu abazenzayo ukuvocavoca umzimba uma besemsebenzini noma besemakhaya.
Bekubhekwa ucwaningo oseluke lwenziwa kubantu abaneminyaka esuka kwewu-18 kuya phezulu emazweni awu-168.
UDkt Fiona Bull weWHO uthe kufanele kubhekisiwe ukungalingani ekunyakaziseni umzimba phakathi kwabantu besifazane namadoda.
“Kuzobaluleka ukuthi kubhekwe lokhu kungalingani ekunyakaziseni umzimba phakathi kwamadoda nabesifazane. Uma singakwenzi lokhu sizongakwazi ukufinyelela lapho esifisa ukufinyelela khona. Kufanele kwenziwe izinhlelo ezizonika abantu besifazane amathuba anele aphephile,” kusho uDkt
Bull.
Abalobi bathole ukuthi emazweni asethuthukile imisebenzi eyenziwa ngabantu yenza kube nzima ukuthi abanye bazithole benyakazisa umzimba kodwa emazweni asafufusa abantu banyakazisa kakhulu umzimba ngoba bahamba amabanga amade ukuze bathole izinto zokuhamba. Bathe ohulumeni kufanele benze izindawo okuhlala kuzo abantu zokuthi kube lula ukuhamba ngamabhayisikili noma bahambe ngezinyawo nokuthi babambe iqhaza kwezemidlalo.
UDkt Guthold uthe amazwe anezibalo ezincane zokuzivocavoca kwabantu asengozini yokuba nezibalo eziphezulu zabantu abanezifo ezidalwa yindlela okuphilwa ngayo, ama noncommunicable diseases.
INingizimu Afrika ngelinye lamazwe anezibalo eziphezulu zabantu abanezifo ezidalwa yindlela yokuphila nabakhuluphele ngokweqile.