INHLANGANO elawula ukusebenza kosokhemisi, iSouth African Pharmacy Council (SAPC), ixwayisa abantu ngengozi yokungasebenzisi ngendlela imishanguzo.
Isikhulu seSAPC, uMnuz Vincent Tlala, sithe bakhathazekile ngendlela abantu abasebenzisa ngayo imishanguzo nangendlela abayigcina ngayo.
UTlala uthe abantu bavame ukusebenzisa imishanguzo ngendlela okungeyona nokugcina kube nomthelela ongemuhle kubona. Ukhulume kuyinyanga yokuqwashisa ngemishanguzo, iPharmacy Month, isiqubulo sayo esithi: “Sebenzisa imishanguzo ngendlela efanele”. Uthe njengaminyaka yonke banomkhankaso wokuxwayisa abantu ngokusebenzisa imishanguzo.
Ngokusho kwakhe imishanguzo evame ukusetshenziswa ngendlela engesiyo ama-antibiotics.
“Esingakutshela abantu ukuthi kubalulekile ukuthi bathathe ama-antibiotics bawaqede njengoba besuke beyalelwe. Isikhathi esiningi abantu bafike bathathe ama-antibiotics ngendlela bese bewayeka uma bezizwa sebengcono,” kusho uTlala.
Uthe kubalulekile ukuthi imishanguzo ithathwe ngendlela usokhemisi asuke eyale ngayo - kungathathwa okungaphansi noma okungaphezu kwalokhu umuntu ayalelwe kona.
Ngaphandle kwalokhu uveze ukuthi indlela okubekwa ngayo imishanguzo ibalulekile.
Uchaze ukuthi abanye abantu bavame ukuthi babeke imishanguzo ngokunganaki, bayibeke lapho engatholwa khona yizingane noma bayibeke ezindaweni ezishisayo njengasekhishini. Uthe ukubeka imishanguzo endaweni eshisayo kungenza ukuthi igcine ingasebenzi ngendlela.
Okunye axwayise ngakho wumkhuba wokuphana kwabantu ngemishanguzo. Uthe akufanele abantu bachathazelane imishanguzo ngisho kungathiwa baphethwe yisifo esifanayo ngoba eminye imishanguzo isuke inikwa umuntu ngoba ihambelana naye kanti kungenzeka ingahambelani nomunye.
Unxuse ukuthi abantu bayiphathe imishanguzo yabo uma kukhona lapho besuke bevakashela khona - bangayishiyi.
Uxwayise ngokusebenzisa ama-antibiotics umuntu ebe ehlela umndeni. Uthe abantu besifazane abasuke behlela umndeni bebe bethatha ama-antibiotics kufanele basebenzise amakhondomu noma bazithibe ocansini ngoba amanye ama-antibiotics ayakuphazamisa ukuhlela umndeni.
UTlala uthe abantu abaxoxe nosokhemisi ngemishanguzo ukuze bathole ukuyalwa okufanele ngayo.